Celani Sikhakhane
Umholi we-ActionSA uHerman Mashaba ubesemkhankasweni e-Eastern Cape ngoLwesibili enikeza abantu izikibha. Amahlebezi athi uzonikeza oyisithenjwa se-DA u-Athol Trollip isikibha esisha se-ActionSA.
“Umholi we-ActionSA uSenator Herman Mashaba ngoLwesithathu uzodalula isithenjwa se-DA njengelungu leqembu lakhe,” kusho okhulumela i-ActionSA uLerato Ngobeni.
I-Scrolla.Africa ithole ukuthi uTrollip ubengomunye wabaholi baleli qembu abebengeneme ngokubuya kukaHelen Zille empeshenini.
Laba baholi bobabili sebeyizitha zezepolitiki iminyaka eminingi ngemuva kokuthi uZille enganikezanga uTrollip isikhundla sobuholi be-DA evuna uLindiwe Mazibuko.
Kusukela lapho i-DA ibhekane nokulahlekelwa abaholi abaqavile abagxume bajoyina amanye amaqembu epolitiki.
Phakathi kwabo kukhona owayeyiMeya yedolobha laseKapa uPatricia de Lille, uPhumzile van Damme, uMmusi Maimane, uJack Bloem, uBrett Herods nabanye abaningi.
UTrollip ubeyiMeya yase-Nelson Mandela Bay phakathi nonyaka ka-2016 nonyaka ka-2018 kodwa akazange aliqede ihlandla lakhe ngemuva kokubhidlika komfelandawonye we-DA ne-EFF kanye ne-UDM.
Ngesonto eledlule i-DA ihlukumezeke kakhulu ngemuva kokuba omunye weziMeya ezidumile uBongani Baloyi eshiye iqembu ukuze aqinise umkhankaso wokhetho lukazwelonke we-ActionSA langonyaka ka-2024 ukuze inqobe i-Gauteng.
Umthombo wesithombe: @TimesLIVE