Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi uNkk Duduzile maZuma-Sambudla efike emhlanganweni woMkhonto weSizwe Party obuseWentworth eThekwini ngoLwesihlanu wakhuluma ngeSingisi kwaphoqa ukuthi inkulump yakhe itolikelwe esiZulwini uMnuz Siyabonga Ngubo.
UDean McPherson weDA KwaZulu-Natal uthe umaZuma udlulwa uMnuz Chris Pappas oyiMeya kamasipala waseMngeni okhuluma isiZulu aqephuze ngaphandle kukatolika.
“Ukube bekuwuPappas ubengeke adinge utolika wesiZulu kulo mhlangano,” kusho uMcpherson.
Baningi abashaqekile ngomaZuma bemuzwa ekhuluma ngokusizwa utolika isiZulu.
Abanye bebethi uzoxhumana kanjani namalungu oMkhonto weSizwe Party aKwaZulu-Natal uma engakwazi ukukhuluma isiZulu.
Kulo mhlangano umaZuma ekhuluma ngesiNgisi uthe uyaxolisa ukuthi uyise akekho kodwa kubenesidumo esimthathile.
Uqhube wathi kusuka uyise ememezele ukweseka uMkhonto weSizwe Party ngoZibandlela womhlaka-16 ka-2023 ubhekene nempi nokuhlaselwa okuyisimanga.
Yonke le nkulumo ubeyenza ngesiNgisi esizwa utolika ukuyibuyisisela esiiZulwini.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebebabaza ukuthi kwenzeka kanjani angikwazi ukukhuluma isiZulu ekubeni uyise esiqeqebula kangaka isiZulu.
Eziphendulela uthe naye akazenzanga kodwa kwaba uHulumeni wengcindezelo owamfaka kule nkinga.
Uthe noma kunjalo kodwa uyaphakathi ePhalamende nesiNgisi sakhe.
UmaZuma newelelakhe uDuduzane bazalelwe eMozambique nokuyilapho bekhuliswe khona unina uKate ongasekho.