I-DA ihlaba iyayihlikiza eyokunyuswa kwe-VAT kwisabelomali

Lubhalwe nguZukile Majova

  • Isinqumo se-DA sishiya i-ANC ingenakho ukwesekwa okwanele ukuthi iphasise isabelomali esihlanganisa ukunyuswa kwe-VAT ngo-1% eminyakeni emibili.
  • Imali yesibonelelo sikahulumeni izonyuka kancane njengoba isibonelelo sikahulumeni sabadala sikhuphuka ngo-R130 bese isibonelelo sikahulumeni sezingane sikhuphuka ngo-R30 nje kuphela.

I-DA isichithile isabelomali esethulwe nguNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana.

Umholi we-DA, uMnuz John Steenhuisen, uthe iqembu elihlangene ne-ANC ukubumba uhulumeni wobumbano kuzwelonke, likhungathekile njengoba amagalelo alo enganakwa yi-ANC.

Lizizwa lixhashazwa ngokuvalelwa ngaphandle ezinqumweni zokusayina izikweletu eziyimpikiswano ngaphansi komthetho, iqembu lithathe isinqumo sokungasisekeli isabelomali sika-2025/26.

Okubaluleke kakhulu ukuthi i-DA isichithile isiphakamiso sokunyusa intela kwintengiso i-Value Added Tax ngo-0.5% kulo nyaka kanti ngonyaka ozayo inyuswe ngo-0.5%.

“Ukuze kunyuswe imali edingekayo, uhulumeni uhlongoza ukuthi intela ye-VAT inyuswe ngengxenye yephesenti ngo-2025/26 bese kuthi ngonyaka olandelayo iphinde inyuswe ngengxenye yephesenti okuzokwenza izinga le-VAT libe ku-16% ngo-2026/27,” kusho uGodongwana.

USteenhuisen uthe i-DA ikukhabhinethi ukuze yeseke imizamo yokuthuthukisa umnotho nokudala amathuba omsebenzi.

“Umgomo wethu ucacile: ukukhula okwengeziwe, intela encane. Ukukhula okwengeziwe, izikweletu ezincane. Ukukhula okwengeziwe, ukulahlekelwa okuncane.”

Ekhasini lakhe lezokuxhumana ku-X uSteenhuisen uthe: “Sanibonani ntambama eNingizimu Afrika. I-DA ayiseseki isabelomali esihlongozwayo. Sizoqhubeka nokulwela ukukhula komnotho namathuba emisebenzi.

UNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi we-DA, uDean MacPherson, uthe: “Sonke senza kahle kulolu hlangothi ukuthi singakweseki ukunyuswa kwe-VAT ngo-1% eminyakeni emibili kanye nokumiswa kokulungiswa kwentela yokwehla kwamandla emali okuzoqeda noma yikuphi ukunyuswa kwamaholo abasebenzi.”

UNgqongqoshe wezeziMali uphinde wamemezela izinhlelo zokweseka isibonelelo sikahulumeni sika-R370 kanye nokwenyuka okuncane kwezinye izibonelelo zikahulumeni.

“I-COVID-19 Social Relief of Distress (SRD), ngendlela ekuyo njengamanje, izokwelulwa ngonyaka kuze kuphele uNhlaba 2026. U-R35.2 billion wabelwe le njongo.”

Isabelomali sikhombise ukwenyuka okuncane kwezibonelelo zikahulumeni, isibonelelo sikahulumeni sabadala sikhuphuke ngo-R130 saya ku-R2,315, kanti isibonelelo sikahulumeni sezingane sinyuke ngo-R30 saya ku-R560.

I-DA ihlanganyela ne-EFF kanye neMK Party ekuchitheni isabelomali, nokubeka iqembu layo ePhalamende engcupheni enkulu.

Osesithombeni esingenhla: U-Enoch Godongwana.

Umthombo wesithombe: File

Izihloko zakamuva