I-DA igxeka uhulumeni ngeyesethembiso sezikhukhula

Celani Sikhakhane

I-Democratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal isola uhulumeni ngokwehluleka ukugcina izithembiso zakhe zokukhipha u-R1 billion wokusiza abakhahlanyezwe izikhukhula.

NgoMsombuluko umholi we-DA esifundazweni uFrancois Rodgers namakhansela ale nhlangano badalule ukuthi izisulu zezikhukhula zisahlupheka ngaphandle kokuthola usizo.

Uthe kuyakhathaza lokhu ngoba isimo senhlekelele esimenyezelwe nguMengameli uCyril Ramaphosa sasivumela yonke imnyango ukuthi isize abakhahlanyezwe izikhukhula.

URamaphosa uthembise ukuthi uhulumeni uzokhipha u-R1 billion ukwenza isiqiniseko sokuthi izisulu zezikhukhula ziyasizwa ngokushesha.

Sekuphele inyanga izikhukhula zihlasele e-KZN. Babalelwa ku-400 abantu abashonile kanti bangu-60 abasadukile.

Nalabo abebethenjiswe ukuthi bazosizwa ngamalungiselelo omngcwabo abakaze basizwe.

“Esikhathini esingaphezu kwenyanga kudlule izikhukhula izakhamuzi eziningi nemiphakathi edolobheni lonke namanje azikawatholi amanzi azazi nokuthi azobuyiselwa nini ngokugcwele kanti nogesi usayinkinga ezindlini zabo futhi nomasipala usaqhubeka nokucisha ugesi.” kusho Rodgers.

Uthe ngesikhathi uRamaphosa etshela idolobha ngemuva kwezikhukhula ukuthi kuzotholakala u-R1 billion wokusiza umphakathi ubevele azi ukuthi lokhu akulona iqiniso.

UNdunankulu uMnu uSihle Zikalala uthe njenge sifundazwe abakayitholi le mali engu-R1 billion ngenxa yemigomo nemibandela yoMgcinimafa kazwelonke.

UZikalala uphinde waveza ukuthi labo abangcwabe abathandiweyo babo ngaphandle kosizo lokungcwaba abaluthenjisiwe bazokwazi ukufaka izicelo zokubuyiselwa imali.

Ngenyanga edlule abashonelwe bathenjiswa usizo lokungcwaba  izinkampani ezahlukene njengo Avbob.

Scrolla World Cup Quiz