Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
I-DA ifuna iPhini likaMengameli liphoqe uMasipala ukuthi usebenzise u-R53 million wesikhwama sokusiza abakhahlanyezwe izikhukhula ngaphambi komnqamulajuqu wangoNhlangulana.
Umasipala awukasebenzisi ngisho isenti lemali ebekelwe ukusiza abakhahlanyezwe izikhukhula e-Kariega, kanti kusolwa i-buteaucratic ngikubambazeleka.
I-DA e-Eastern Cape isinxuse iPhini likaMengameli uMnuz Paul Mashatile ukuthi aqinisekise ukuthi uMasipala waseNelson Mandela Bay (NMB) usebenzisa u-R53 million wemali ebekelwe ukusiza abakhahlanyezwe izikhukhula.
I-DA ithe ifuna kusetshenziswe imali eyabelwe ukusiza e-Kariega ngaphambi kokuphela komnqamulajuqu wonyaka wezimali kamasipala ngoNhlangulana.
UMgcinimafa Kazwelonke udlulisele izimali zokusiza ngomhlaka-29 kuLwezi, kodwa umasipala awukasebenzisi ngisho isenti.
Lokhu kungemuva kokuthi i-Kariega imenyezelwe njengendawo ehlaselwe yinhlekelele kulandela izikhukhula.
Le mali bekuhloswe ngayo ukulungisa ingqalasizinda ecekeleke phansi ngenxa yezikhukhula zangoNhlangulana noMfumfu ka-2024.
Uma ingasetshenziswa ekupheleni kukaNhlaba, izobuyiselwa kuMgcinimafa Kazwelonke.
UMashatile uzoba yisikhulumi sosuku esiqavile kumcimbi walo nyaka oyisikhumbuzo soSuku Lwamalungelo eSintu eKariega, idolobha lapho amaphoyisa abulala okungenani abantu abangu-20 ngemashi yomngcwabo ka-1985.
Ilungu lePhalamende le-DA uRetief Odendaal uthe lokhu kusithwa iqiniso elibuhlungu lokuphulwa kwezithembiso, ukungasebenzi kukahulumeni, kanye nokuhlupheka okuqhubekayo kwezisulu zezikhukhula zangomhlaka-1 kuNhlangulana ka-2024.”
“Ukusiza ezinhlekeleleni okuthenjiswe kakhulu kuzo kusalokhu kungabonakali, kubambeke emibhalweni ye-bureaucratic kanye nokwehluleka kokuthengwa kwempahla. Umasipala usengcupheni yokulahlekelwa u-R53 million wesikhwama sokusiza ezinhlekeleleni njengoba kungekho noyedwa usonkontileka oqokiwe ozoqala ukulungisa ingqalasizinda,” usho kanje.
U-Odendaal usole uhulumeni ngokwenzela phansi izisulu zezikhukhula zaseKariega. “Laba bantu abampofu ngeke babe nalutho lokugubha lolu suku lwamalungelo abantu,” usho kanje.
IMeya uBabalwa Lobishe isole ukubambezeleka kokulandela uhlelo olujwayelekile lokuthengwa kwempahla esikhundleni sokubhekana nezinhlekelele ngokushesha.
Uthe eminye imiklamo isekulungele ukuqala futhi wengeza ngokuthi, “Siyethemba ukuthi ekupheleni kukaMbasa, kufanele sibe nezinto esibonakalayo.”
Osesithombeni esingenhla: IPhini likaMengameli uPaul Mashatile, uzoba isikhulumi esiqavile emgubhweni woSuku Lwamalungelo Abantu eKariega ngoLwesihlanu.
Umthombo wesithombe: Ihhovisi likaMongameli/X