I-DA ifake oweTheku enkantolo ngokuvala amabhishi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-DA isiyise uMasipala weTheku enkantolo ngenxa yokuvalwa kwamabhishi eThekwini.

Umasipala umemezele ukuthi uzovala ngokushesha amabhishi aseThekwini (south and north) ngenxa yokungcoliswa i-E. coli.

UMnu Gavin Hegter, oyikhansela le-DA ku-wadi-64 nophinde abe nguSihlalo we-Sewage Task Team ugxeke uMasipala weTheku ngokuhluleka ukulungisa ingqalasizinda yendle edala ingozi futhi ebeka izimpilo zabantu nezivakashi engcupheni.

UHegter uthe amaphampu amanzi awasebenzi, okwenza izigidi zamalitha endle namakhemikhali ayingozi achithekele olwandle nasemifuleni.

I-DA ifake enkantolo uMasipala weTheku futhi ibilindele impendulo ngaphambi kokuphela kosuku lwangoLwesibili.

Lesi simo sibhebhethekiswe izikhukhula zakamuva ezicekele phansi amaphampu amanzi.

Yize uMasipala weTheku uthole imali elinganiselwa ku-R1.5 billion ukulungisa ingqalasizinda ecekelwe izikhukhula onyakeni wezimali odlule, uHegter uthe kusadingeka enye imali ikakhulukazi kwingqalasizinda yendle edinga imali elinganiselwa ku-R3 billion ukuze ilungiswe kahle.

Amalungu omphakathi nezivakashi basengozini ngenxa yale nkinga eqhubekayo futhi abaningi bebenethemba lokuthi amabhishi azovulwa ngesikhathi samaholidi ezikole asebusika.

Nokho okwamanje alukho usuku oluqondile lokuthi azovulwa nini amabhishi, ngokusho kukaNksz Lindiwe Khuzwayo oyiNhloko yezokuXhumana  eThekwini.

NgoZibandlela, umasipala uke wamemezela ukuvalwa kwamabhishi ngenxa yokungcoliswa i-E. coli okwasusa ulaka emphakathini.

I-DA ne-ActionSA baxabana noMasipala weTheku ngalolu daba kusukela ngonyaka odlule, benxusa ukuthi kusukunyelwe ngokushesha ukubhekana nezinkinga zengqalasizinda yendle nokuqinisekisa ukuphepha kwabahambela amabhishi.

Isithombe esingenhla: I-Durban Beach

Izihloko zakamuva