I-DA icasulwa izinqumo ze-ANC

I-Democratic Alliance itshele i-ANC ukuthi isivumelwano sabo siphelile uma ingazitholi izikhundla ezifunayo.

Isiphakamiso se-DA seKhabhinethi sibandakanya uMnyango wezoHwebo, Izimboni nokuNcintisana (DTIC).

I-DA manje icasukile ngesinqumo sikaRamaphosa sokushintsha i-DTIC ngoMnyango wezokuVakasha kanye nokunciphisa isibalo samaphini oNgqongqoshe anikezwayo sisuka kwabayisikhombisa siya kwabayisithupha, kubika i-News24.

UMnuz John Steenhuisen, ongumholi we-DA ubevumile ukuthi uRamaphosa anikeze izihlalo eziyisithupha zoNgqongqoshe okubalwa kuzo ne-DTIC kodwa lolu shintsho selucasule ubuholi be-DA.

Bavumelana ngokuthi isicelo esisha sikaRamaphosa asamukelekile.

URamaphosa uqokwe njengoMengameli emasontweni amabili edlule ngokwesekwa amalungu e-DA ePhalamende.

I-DA iphinde yeseka abagaqele isikhundla sikaSomlomo we-ANC ePhalamende kanye noSihlalo woMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe futhi yeseka i-ANC KwaZulu-Natal ngesikhathi i-IFP iphakamisa ukuthi i-ANC ithole izihlalo ezimbalwa esigungwini esiphezulu sesifundazwe.

I-ANC ibheke izinhlelo zokufaka i-IFP, i-PA, i-PAC ne-Good kuphela ngaphandle kwe-DA kwiKhabhinethi.

Nokho lokhu ngeke kunikeze i-ANC izihlalo eziningi ePhalamende likazwelonke. I-ANC izodinga ukwesekwa ngamanye amaqembu ukuze ishaye umthetho okuhlanganisa nesabelomali.

URamaphosa uzophinde abe sengozini yokuthola iziphakamiso zokungabethembi ubuholi bakhe.

NgoLwesithathu, i-ANC ithe isiphakamiso sayo ku-DA siwujuqu, kanti uRamaphosa ne-ANC bamagange ukumemezela iKhabhinethi yokugcina maduze.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff

Abasesithombeni esingenhla: uCyril Ramaphosa noJohn Steenhuisen.

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva