I-DA ibike iKurhuleni kwiKhomishini Yamalungelo Abantu mayelana nenkinga yezindlu zangasese

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

  • Osonkontileka abangakhokhelwa sebeyekile ukuhlanza izindlu zangasese eziphathwayo emijondolo yase-Kurhuleni.
  • Ezinye izakhamuzi ziyazihlanzela zona izindlu zangasese ukuze zigweme izingozi zezempilo.

I-Democratic Alliance isibike iDolobha lase-Kurhuleni kwiKhomishini Yamalungelo Abantu eNingizimu Afrika (SAHRC) ngokungakhokheli izinkampani ezihlanza izindlu zangasese eziphathwayo zangaphandle.

Ezinye izinkampani ezihlanza izindlu zangasese azizange zikhokhelwe ngendlela efanele ngonyaka odlule, okushiye izakhiwo eziningi zingenazo izinsiza ezifanele zokukhucululwa kwendle.

Inkinga yaqala e-Tembisa ngoMandulo odlule lapho ukuhlanzwa kwezindlu zangasese kwase kuyinto engavamile ukwenzeka.

UMnuz Solly Msimanga we-DA uthe ezinye izakhiwo zineminyaka engaphezu kuka-16 kodwa namanje azinazo izindawo zokuzikhulula ezifanelekile.

“Uhulumeni uchitha imali eningi ukwenza nokukhokhela imisebenzi yokunikezela nfezinsiza okwesikhashana. Lena yimali engabe isetshenziselwe ukuba kwakhiwe ingqalasizinda efanele. Akubukeki sengathi kukhona ukuzimisela kwabezepolitiki, manje sesibona abantu bebulalana bodwa ngenxa yamathenda omsebenzi,” umesho.

UMsimanga uxwayise ngokuthi izinkampani zingase ziyimise ngokuphelele imisebenzi yazo.

“Uma izindlu zangasese zamabhakede zingahlanzwa lokho kungaholela enhlekeleleni yezempilo njengokubheduka kwesifo sohudo, sinxusa i-SAHRC ukuthi ingenelele futhi ibophe uMnyango ngokuhlukumeza amalungelo abahlali okuthola izinsiza zokuthuthwa kwendle,” usho kanje.

Isakhamuzi uJackina Lekalakala uthe sebezibambele mathupha.

“Izindlu zangasese zethu azikahlanzwa ezinyangeni ezintathu ezedlule, ngibone kungcono ngizenzele mina.

“Ngamba umgodi egcekeni lami ngawuchitha udoti ebhakedeni, sabe sesiwufaka emgodini ukuze sikwazi ukusebenzisa indlu yangasese. Besingenayo enye indlela ngaphandle kokwenza lokhu.”

Kodwa okhulumela uMkhandlu wase-Kurhuleni uZweli Dlamini ukuchithile ukuthi kunezinkinga zokukhokha kwemali.

“Sinesivumelwano sokusebenza nosonkontileka abahlinzeka ngomsebenzi bese behambisa ama-invoice akhokhelwa zingakapheli izinsuku ezingu-30. Kuke kwaba nokubambezeleka phambilini kodwa bonke abahlinzeka ngemisebenzi bakhokhelwe zonke izindawo ziyasizwa,” esho.

Esithombeni esingenhla: Amalungu e-DA.

Umthombo: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva