I-DA ibathathe bonke omasipala baseGoli

Celani Sikhakhane

I-DA isiphinde yathatha inhlokodolobha yaseNingizimu Afrika.

URandal Williams we-DA uqokwe njengemeya yase-Tshwane kwathi uKatlego Mathebe waba uSomlomo womkhandlu bobabili ngaphandle kokuphikiswa.

I-ANC inqume ukuthi ingabafaki abantu bayo abazongenela ukhetho njengoba ibona sengathi bazophoxeka.

UNobhala we-ANC eGoli, uMnu uJacob Khawe, utshele izindaba ze-SABC ngemuva nje kokuhlala ukuthi bakudube ngamabomu ukuvota ngoba bengafuni ukwenza kube semthethweni uhlelo olungavuni bona.

“Abantu base-Tshwane basivotele ukuthi sibe yingxenye yomkhandlu hhayi ukuthi siwuphathe njengoba singawatholanga amavoti amaningi. Ngakho-ke sikhethe ukuthi singabafaki abantu esibakhethile ngoba singafuni ukuphatha noma yiziphi izindleko ngaphandle kokugunyazwa ngabavoti bethu,” kusho uKhawe.

Uchaze “umfelandawonye” wamaqembu aphikisayo ukweseka iDA njengeqembu lezigelekeqe.

“Laba izigelekeqe ezingafuni kuthiwe ngamadlelandawonye.

Ukuthathwa kwe-Tshwane iqembu le-DA kuza ngemuva kokuthi leli qembu lithathe izintambo zombuso we-ANC kumasipala wase-Ekurhuleni bemelwe uTania Campbell kanye nomasipala waseGoli bemelwe uDkt Mpho Phalatse.

I-DA ithe inethemba lokuthi izophatha umasipala wase-Tshwane ngaphandle kwezinkinga.

Umholi we-ActionSA, uMnu Herman Mashaba, uthe bakhethe ukweseka owe-DA ongenele ukhetho ngoba befuna kube noshintsho ukuze bahlenge abantu base-Tshwane ku-ANC.

Umthombo wesithombe: Jacaranda FM

Izihloko zakamuva