I-Cricket SA ifuna ukubuyisa owayengukaputeni

Dylan Bettencourt

Ngemuva kokuthi lowo owayengukaputeni wama-Proteas uGraeme Smith etholwe emsulwa ezinsolweni zokucwasa ayebekwe zona, i-Cricket South Africa iphakamise ukuthi isengasebenzisana naye.

USmith ubesolwa ngokucwasa uThami Tsolekile ngo-2012, kanye nokuphikisana nobuholi babantu abamnyama ngaphakathi kwibhodi elilawulayo ngaphambi kokwamukela isikhundla sokuba nguMqondisi weKhilikithi.

Umbiko we-Cricket South Africa’s Social Justice and Nation-Building (i-SJN) ubufuna ukudalula noma yikuphi ukucwasa ngokwebala enhlanganweni.

Ngesikhathi i-SJN isula izinsolo zikaSmith, ukuqokwa kukaMark Boucher njengomqeqeshi ophezulu kutholakale kunamaphutha.

“Kulokho asekutholile, ummeli we-ombudsman u-Advocate Dumisa Ntsebeza SC uthole ukuthi uSmith “wayecwasa ngokungafanele ngenxa yokucwasa uMnu u-Enoch Nkwe” ngesikhathi eqoka uBoucher.

Yize uSmith engowokuqala ukuthatha indima yokuba nguMqondisi weKhilikithi nokuphatha ngesikhathi esinzima se-Covid-19 kanye nezinkinga zezimali, ukaputeni wangaphambilini wakhetha ukungaqhubeki kule ndima.

Akaphindanga wasifaka isicelo somsebenzi ngesikhathi inkontileka yakhe yeminyaka emibili iphela ngoNdasa.

Kodwa-ke isikhulu se-Cricket South Africa uPholetsi Moseki unethemba lokuthi ubudlelwano phakathi kukaSmith nenhlangano bungalungiswa.

“Ngicabanga ukuthi ufuna ukugxila kwezinye izinto, futhi ngiyethemba ukuthi akakasilahlekeli ohlelweni. UGraeme uyiqhawe kwezemidlalo.

“Lolu hlelo belubalulekile ngoba sobabili singathola isiphetho futhi sibone ukuthi kungenzeka kanjani ukusebenzisana ngokuzayo. Ubaluleke kakhulu. Sizobona ukuthi sizoyiyisa kanjani phambili,” kusho uMoseki etshela i-Sport24.

Imibiko iveze ukuthi uSmith uzothatha umsebenzi wokubonisana ngaphakathi kwi-Cricket South Africa, okuyinto uMoseki angazange ayiqinisekise.

“Lokho bekuyohlezi kuyingxoxo ehlukile,” usho kanje.

Yize izinsolo ezimayelana noSmith seziphothuliwe, kuzobhekwa amacala okungaziphathi kahle umqeqeshi uBoucher abekwe wona.

U-Enoch Nkwe uke waba ngumqeqeshi oqavile ngesikhathi uBoucher ebhekene necala lakhe. Abaningi bakholwa wukuthi uNkwe usazoqhubeka nokuba ngumqeqeshi njengoba uBoucher engase alahlekelwe umsebenzi.

I-Cricket South Africa ithemba ukuthi isikhundla somqeqeshi ophezulu sizolungiswa ngaphambi kokuthi baye e-India ochungechungemi lwe-ODI ngoNhlangulana.

Umthombo wesithombe: @FullView

Scrolla World Cup Quiz