I-Covid iqothula abaholi baseMpumalanga Kapa

Lezi zikhulu eziphezulu ezilandelayo eMpumalanga Kapa zidlule emhlabeni ngenxa ye-Covid:

  • NgoLwesihlanu olwedlule lowo owayeyiMeya eNelson Mandela Bay kanye nomholi we-UDM uMnuz Mqondo Bobani, wangcwatshwa ngemuva kokulwa naleli gciwane amasonto amathathu.
  • NgoNhlangulana, okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni uGcobani Maswana naye wabulawa yi-Covid-19.
  • NgoNtulikazi, kwashona iNdlovukazi eyayibambile yase-Amarharhabe uNoloyiso Sandile.
  • USomlomo woMkhandlu wase-Buffalo City uAlfred Mtsi naye ushone ngenyanga efanayo.
  • NgoNcwaba, udokotela wezinhliziyo ovelele waseNingizimu Afrika uSolwazi Lungile Pepeta wabulawa yi-Covid-19. Wayengumphathi wesayensi yezempilo eNelson Mandela University.

Mhla zi-12 kuLwezi, uNdunankulu uOscar Mabuyane wakuqinisekisa ukuthi, utholakale enegciwane wabe esegonqa.

NgeSonto uMabuyane uthe, uphatheke kabi ngokushona kwephini likaSihlalo kazwelonke we-UDM uMncedisi Filtane, oshone ngenxa ye-Covid-19 ngemuva kokungeniswa esibhedlela ngenxa yamazinga aphansi omoya ohlanzekile.

Okhulumela uNdunankulu uMvusiwekhaya Sicwetsha uthe: “UMnu Filtane ubambe iqhaza elibonakalayo emizameni yokunqanda ukusabalala kwe-Covid-19 esifundazweni sethu futhi ube nesandla kulo mzamo.”