I-Covid ihlose ukuqumba phansi osekela Mongameli baseAfrika

Osekela Mongameli baseAfrika baluzwile ulaka lwe-Covid-19, ngosekela Mongameli abayisikhombisa abane-Covid-19 njengamanje.

ngoNhlangulana, abathathu kwabahlanu osekela Mongameli base-South Sudan- uJames Wani Igga, uRiek Machar kanye noHussein Abdelbagi- bahlola batholakala bene-Covid-19.

Isekela Mongameli wase-Gambia uIsatou Touray waya emgonqweni ngemuva kokuhlola atholakale enegciwane ngoNtulikazi.

Kwase kuba yisekela  Mongameli wase-Liberia uJewel Howard-Taylor olandele ngoNcwaba.

Isekela Mongameli wase-Namibia uNangolo Mbumba, ophezulu, kanye nonkosikazi wakhe uSusitjie sebezoqeda umgonqo wezinsuku eziyi-14.

Kanye nesekela Mongameli wase-Zambia uInonge Mutukwa Wina ohlole watholakala negciwane ngoLwesithathu.

Umthombo wesithombe: i-The Namibian