I-Covid-19 ihlasela abasebenzi bezempilo e-Eastern Cape

Njengoba sesikhungathekile izigameko ezikhuphukayo zeziguli ezihaqwa yi-Covid-19, uhulumeni wase-Eastern Cape ukuqinisekisile ukuthi abahlengikazi abangama-888 nodokotela nabo bahaqwe igciwane le-corona.

Kuze kube manje uhulumeni wesifundazwe uthi ukhokhe imali engaphezu kwe-R11 kwizindlu zabavakashi namahhotela asetshenziswa njengezindawo zokugonqisa abantu.

Abezindaba i-Scrolla.Africa basanda kubika kulo mthombo wezindaba ukuthi,  ukuqubuka kwabafundi abangaphezu kwa-200 abafunda eMakhawula Boarding School e-Mount Frere bagcwale ngokweqile esibhedlela saseMadzikane Ka Zulu Memorial Hospital. Lokhu kusho ukuthi abafundi bekufanele bagonqe bodwa ezindlini zabavakashi nasehhotela i-Royal Courtyard engamakhilomitha angama-200. Isithombe sesikole sifakwe ngenhla.

UNdunankulu uOscar Mabuyane ucele usizo kuhulumeni kazwelonke ukuthi athumele abasebenzi abasebenza kwezokwelapha embuthweni wezempi wezokuvikela waseNingizimu Afrika.

UMabuyane uthe: “Ngokubona ukuthi uhlelo lwethu lwezempilo selukhungathekile, senze isicelo kuhulumeni kazwelonke wokuthumela ithimba lezokwelapha le-South African National Defence Force ukuthi lisisize ekungeneleleni kwezempilo yecebo lethu.”

Isifundazwe sinabantu abayi-27 686 abaqinisekisiwe ukuthi bahaqwe ilolu bhubhane, kanti abangama-422 sebendulele kweliphakade. Ngemuva kweGoli, okuyiyo edlondlobala kakhulu ekutholakaleni abantu abahaqwe igciwane okwamanje, i-Eastern Cape iyisifundazwe sesithathu esithinteke kakhulu. I-Western Cape isalokhu ihamba phambili ngokuba nesibalo esiphezulu, kepha izibalo  ezivezwe kungekudala nje, zikhombisa ukwehla.

Izihloko zakamuva