I-Cosatu ivale inkulumo kaMantashe ngeculo

Lungani Zungu

UGwede Mantashe ushiye ingqungquthela yesi-14 ye-Congress of South African Trade Unions ngaphandle kokukhuluma nezihlwele ngemuva kokugconwa ngesikhathi esesiteji ngoMsombuluko.

Usihlalo kazwelonke we-ANC ubesanda kugibela esiteji e-Gallagher Estate, e-Midrand eyonikeza umlayezo wokweseka weqembu ngesikhathi izithunywa ziphakamisa izingqwembe ezibhalwe ukuthi “Hamba Gwede Asinamali”.

Ingxenye yezithunywa ezingaphezu kuka-2 000 iqale icule elenze ukuthi uMantashe ehle esiteji.

Bathe usihlalo umele uhulumeni we-ANC owahluleka ukusebenzisa imigomo athembisa ukuyifeza ngo-2018.

Izicelo zobuholi be-Cosatu kwizithunywa eziphikisana nesinqumo sokuthi uMantashe akhulume azizange zibe namphumela.

Ngesikhathi uMantashe esesukile esiteji esehlezi phansi abasebenzi abebedinwe begane unwabu baye kuye besola i-ANC ngokunganaki abasebenzi.

Ngesikhathi abezindaba bezama ukuthola ukuphawula kukaMantashe, ilungu leKomiti eliPhezulu likaZwelonke le-ANC uNksz Lindiwe Zulu uye wamvikela watshela abezindaba ukuthi bahlehle.

“Umholi wethu lo. Ngeke simveze ezimweni ezingenasidingo,” kusho uZulu.

UMantashe uhambe kule ndawo ephoxekile ngoba izithunywa bezingafuni ukumnika ithuba lokuthi akhulume.

Uqhekeko phakathi kwe-ANC nomfelandawonye wayo ne-Cosatu kuvele obala ngoNhlaba ngesikhathi abasebenzi bethethisa uMengameli uCyril Ramaphosa embuthanweni we-May Day obuse-North West.

Ngemuva kokuthi uMantashe ehliswe esiteji ezinye izithunywa ziphume endaweni zafunge zagomela ukuthi ngeke zivumele noma yimuphi umuntu omele i-ANC ukuthi akhulume nabo.

Izihloko zakamuva