Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Iphrojekthi ye-City Power ye-solar eShalazile idle umhlanganiso ngokusiza izakhamuzi zasemijondolo ukuthi zithole ugesi ophephile, ngaphandle kokuxhuma ngokungemthetho.
Inkampani kagesi isabalalisa ama-solar microgrid afanayo kulo lonke elaseGoli ukuze inqamule ukuxhashazwa kuka-Eskom futhi ilethe ugesi emiphakathini empofu.
I-City Power ihlonishwe ngokuletha ugesi kubantu abahlala emijondolo. Lena indawo lapho okuhlala abantu abasinda emlilweni owashisa ibhilidi Usindiso abafakwa kule ndawo ngoLwezi ka-2023.
NgoNtulikazi ka-2024 ikhempu yaseShalazile e-Denver, eyasungulwa ngoLwezi ka-2023 njengendawo yokukhosela yesikhashana izisulu zomlilo wase-Marshalltown, yathola ugesi we-solar obiza izigidi zamarandi oxhaswe i-City Power kanye neDolobha laseGoli.
IMenenja Jikelele ye-City Power u-Isaac Mangena uthe inkampani kagesi iqokwe endaweni yesibili kuma-South African Photovoltaic Industry Association Awards ka-2025. “Ihlonishwe emkhakheni wokuthuthukiswa komnotho womphakathi nge-solar microgrid yayo endaweni yaseShalazile e-Denver, eGoli.
Lo msebenzi unikeza izakhamuzi ukufinyelela okuphephile kugesi ngaphandle kokudinga ukuxhunywa okungekho emthethweni okuyingozi.
UMangena uthe iShalazile ingenye yezindawo enabantu abaningi. Umklomelo uqhamisa ngohlelo olukhulu lwe-City Power: uhlelo lokuqala lwe-grid esebenza ngamandla elanga eqhutshwa idolobha e-southern hemisphere.
Lolu hlelo luyingxenye yesu lamaphuzu angu-10 lokunqamula ukuxhashazwa kuka-Eskom, ukunqanda ukulahleka kukagesi kanye nokunikeza amandla abantu abasezindaweni eziyimijondolo,” usho kanje.
Uthe i-City Power iqale uhlelo e-Alexandra endaweni yase-Amarasta. Manje lusabalele nase-Vlakfontein, enkulu kakhulu kuneShalazile futhi isabalele naseVukani nase-The View.
Isikhulu se-City Power uTshifularo Mashava uthe umklomelo we-SAPVIA awugcini nje ngokuphathelene nama-grid. “Kumayelana nokusiza abantu ukuthi baphile ngogesi osemthethweni nophephile,” kusho yena.
UMashava uthe uhulumeni wase-Gauteng uyalweseka lolu hlelo. Ama-grid anikeza ugesi okungathenjelwa kuwo ngisho kucinywa ugesi asiza ukumisa ukwebiwa kwamakhebula.
USihlalo we-City Power Board uMakhosini Kharodi uthe ukuhlonishwa kwabo kufakazela ukuthi uhlelo lwabo lwamandla luyasebenza. “Asilindele ushintsho. Siyalwakha.”
UMashava uthe i-City Power iphinde ifake ama-solar emitholampilo, ezikoleni nasezakhiweni zayo. Bangeza izibani zasemgwaqweni ezindaweni eziyingozi futhi balungisa izinjini zegesi ukuze kuthuthukiswe amandla okulondoloza ugesi.
Konke kuyingxenye yokusiza u-Eskom.
“Lesi kuseyisiqalo nje,” kusho uMashava. “Sizokhanyisa wonke umphakathi, i-microgrid eyodwa ngesikhathi.”
Ikhempu yaseShalazile yakhiwa endaweni lapho idolobha laseGoli kwakufanele libe ne-vehicle pound. Ngemuva kokusebenzisa u-R45 million ohlelweni lokwakha i-vehicle pound ukuze kugcinwe izinkulungwane zezimoto, le ndawo ayizange ivulwe.
Isakhamuzi uThemba Mdlalose uthe ujabule ngalo msebenzi, oqinisekisa ukutholakala kwagesi welanga futhi ophephile emphakathini ohlala kule khempu.
Esithombeni esingenhla: Isikhulu seCity Power uTshifularo Mashava uthola indondo.
Umthombo wesithombe: City Power