Menzi Magubane
Akugcinanga ngokuthi i-Manchester City ne-Real Madrid bagweme amahloni okukhishwa ku-UEFA Champions League kwi-last 16, kodwa bakwenze lokho ngesitayela!
I-City ishaye ingubo yaseJalimane i-Borussia M’gladbach ngamagoli amabili eqandeni ukuze inqobe ngokulingana ngamagoli amane eqandeni sekuhlanganiswe imilebe.
Nabadlali bakaPep Guardiola bebenganeme emlenzeni wokubuyela ekhaya. Ukunqoba kwabo ngamagoli amabili eqandeni ekhaya ngoLwesibili, kubenze baba yiqembu lesibili laseNgilandi ngemuva kwe-Liverpool ukuhlungela ukungena kwi-quarter-final.
Kule mpelasonto i-City izothatha ikhefu emisebenzini yeligi bese igxila kwi-Emirates FA Cup. Bazodlala ne-Everton ekuhambeni kwi-quarter-final ngeSonto.
I-Real Madrid inqobe umlenze wokuqala ngegoli elilodwa eqandeni e-Italy kodwa yaqhubeka nokushaya i-Atalanta ngamagoli amathathu kwelilodwa ekhaya, yanqoba ngamagoli amane kwelilodwa sekuhlanganiswe imilenze yomibili.
I-Los Blancos kungaba yiqembu lase-Spain kuphela elidlulele kwi-quarter final ngemuva kokukhishwa kwe-Barcelona ne-Sevilla ngesonto eledlule.
Izimbangi zabo i-Atletico Madrid zinakho konke okumele zikwenze e-Stamford Bridge bebhekene ne-Chelsea ngoLwesithathu ebusuku, ngemuva kokushaywa emdlalweni wabo wasekhaya ngenyanga edlule e-Bucharest.
I-Madrid ne-City bakugwemile okwenzeka kwi-Juventus ne-Barcelona ngesonto eledlule. I-Juve neBarca baba yizidlakela zokuqala ukuwa kusenesikhathi kulo mqhudelwano ngesikhathi beshaywa yi-FC Porto ne-Paris Saint-Germain ngokulandelana.
NgoMgqibelo i-Los Blancos inomdlalo obalulekile ekuhambeni e-Celta Vigo ukuzama ukuvikela isicoco sayo. I-Madrid isendaweni yesithathu ngamaphuzu ayisithupha ngemuva kwabaholi i-Atletico.