I-Chippa United yenza eduma ngazo

Umphathi we-Chippa United uSiviwe”Chippa” Mpengesi  kungenzeka maduze enze lokho adume ngakho kakhulu, okuwukuxosha abaqeqeshi.

UMpengesi waziwa ngokungachithi isikhathi ekuxosheni abaqeqeshi.

Umqeqeshi wamanje uLehlohonolo Seema angaba ngumqeqeshi wama-22 ukukhonjiswa umnyango ophumayo selokhu i-Chippa yathola ukukhushulelwa ezingeni eliphezulu eminyakeni eyisishiyagalombili edlule. Irekhodi likaSeema kuze kube yimanje emkhankasweni wamanje we-DStv Premiership alilihle.

Emidlalweni emihlanu ukwazile ukuqoqa amaphuzu amahlanu kwayi-15 ngokunqoba kakodwa, wadlala ngokulingana kokodwa walahla amanye amabili.

Umqeqeshi uSeema, owayengukaputeni we-Orlando Pirates ne-Lesotho, kufanele azibone enenhlanhla. Emhlabeni kaMpengesi ubekezelele uSeema. UJulius Dube waxoshwe ngemuva komdlalo owodwa, kwathi uManqoba Mngqithi waxoshwa ngemuva kwemibili.

Kodwa inhlanhla kaSeema kungenzeka iphele kungekudala, ikakhulukazi uma ehluleka ukuthola amaphuzu aphezulu ku-Baroka FC ngeSonto, umdlalo uqala ngo-3.30 ntambama enkundleni yezemidlalo i-Peter Mokaba  e-Polokwane. Izindaba ezingezinhle kuSeema ukuthi i-Baroka isefomini enhle futhi ayikakahlulwa ekhaya kule sizini.

Ukukhombisa kwe-Baroka emdlalweni wabo wokudlala ngokulingana ngegoli elilodwa kwelilodwa ne-Pirates ngempelasonto edlule kumele kutshele uSeema ukuthi uzobhekana neyimbila zithuthwa ngeSonto. Emdlalweni wabo wokugcina iChippa idlale ngokulingana ngegoli elilodwa kwelilodwa ekhaya ibhekene nabafana abasha base-Limpopo i-Tshakuma Tsha Madivhandila.

Abaqeqeshi abathole inhlamvu kwi-Chippa kusukela ngoNhlangulana kowezi-2012 ngesikhathi ikilabhu linyuselwa kuligi enkulu, ye-Premiership:

* UManqoba Mnqgithi (imidlalo emibili)

* UJulius Dube (umdlalo owodwa)

* URoger Sikhakhane (imidlalo engama-30, iziphonso ezingaphezu kweziyisithupha ezihlukene)

* UFarouk Abrahams (imidlalo eyisithupha)

* UWilfred Mugeyi (imidlalo eyisishiyagalombili)

* UMark Harrison (imidlalo eyisithupha)

* UIan Palmer (oxoshwe esigabeni esiphansi, amarekhodi enombolo yemidlalo engacaci)

* UVladislav Heric (imidlalo eyisishiyagalombili)

* UKosta Papic (imidlalo emihlanu)

* UErnst Middendorp (imidlalo eyisikhombisa)

* UMich d’Avray (imidlalo eyisithupha)

* UVelile Dyaloyi (uxoshwe esigabeni esiphansi)

* UClinton Larsen (imidlalo engama-22)

* UEric Tinkler (imidlalo eyi-10)

* UDan Malesela (imidlalo engama-61, iziphonso ezingaphezu kwezinhlanu ezahlukene)

* UTeboho Moloi (imidlalo engama-23)

* UJoel Masutha (imidlalo emihlanu)

* UDuran Francis (umdlalo owodwa)

* UNorman Mapeza (imidlalo engama-20)

* UMbuyiselo Sambu (umsizi womqeqeshi wesikhathi eside, usebenze okwesikhashana amahlandla amane)

* URhulani Mokwena (ubolekwe kwi-Pirates ngoNhlolanja kodwa washiya i-Chippa ngoNtulikazi ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe. Wayephethe umdlalo owodwa.)

Izihloko zakamuva