I-China kumele ifunde isifundo ngokuphatha kahle imvelo

Arthur Greene

Inqubomgomo yase-China ethi-zero-Covid isalandelwa ngokuqinile esizweni esinabantu abangu-1.4 billion kanye nenani elilinganiselwa ku-375 million abakumvalela ndlini. 

Kodwa abahlaziyi besaba ukuthi izwe liyehluleka ukulalela izixwayiso ezenziwa e-China ngeminyaka yango-1950 ngezinyoni ezibizwa ngama-Sparrows. 

Ngo-1958 umholi wezwe uSihlalo uMao waqala umzamo wezwe lonke wokuqothula le nyoni.

Izakhamuzi zaqoqwa ukuba zishaye amabhodwe namapani futhi zijikijele izinyoni ngamatshe ophahleni ukuze zibaleke.

Lokhu kwaziqeda amandla izinyoni ezincane eziculayo njengoba zazingavunyelwe ukuphumula kwazenza lokho zaphela amandla zafa. Ngokusho kukaLi Yuan we-New York Times zilinganiselwa ku-2 billion izinyoni ezabulawa esikhathini esingangezinyanga.

Nokho njengoba kwabikezelwa ochwepheshe lo mkhankaso awuzange ulungise ezolimo zezwe futhi empeleni waba nomthelela omubi.

Njengoba kwase kungasekho izinyoni ezidla izinambuzane, izinambuzane eziwuhlupho zakhula zacekela phansi izitshalo ezweni lonke zaba nomthelela wendlala enkulu eyaholela ekufeni kwamashumi ezigidi zabantu.

Ngenkathi kutholakala uhlobo lwe-Omicron lwe-Covid-19 eNingizimu Afrika ngoLwezi nyakenye uvalo lwaqala ngokushesha ngokuthi umhlaba uzophonswa komunye umvalelandlini.

Kodwa ubunzima buholele ekufeni kwabantu abaningi emhlabeni wonke futhi kwasifundisa isifundo esibalulekile mayelana nokufunda ukuphila nalolu bhubhane.

Njengoba igagasi le-Omicron manje lisabalala ezweni lonke uMengameli uXi Jinping uzama ngamandla wonke ukuqeda ukubhebhetheka kwalesi sifo njengoba kwenza uMao ngezinyoni ezaziwuhlupho.

Emizamweni yakhe uhulumeni uyalele abantu ukuba babe kumvalelandlini wenza nezindawo abazovalelwa kuzo.

Kodwa ochwepheshe basaba ukuthi ugqozi lwakhe lungokwepolitiki futhi le nqubomgomo eqinile ingaholela kwenkulu inhlekelele.

Ukuvalwa kwendawo kuzodala umonakalo ezweni futhi ukwehluleka ukutshala imali ekugomeni abantu kuzovimba inani labantu ekuthuthukiseni ukungavikeleki kwi-Covid efana ne-Omicron.

Ngokumangalisayo i-China akulona izwe lokuqala ukulwa nohlobo lwezinyoni. 

Ngonyaka ka-1932 i-Australia yamemezela impi nama-emus njengoba le nyoni enkulu kune-Sparrow yayilimaza izitshalo.

Njenge-China amasosha ase-Australia ahloma ngezibhamu ezinkulu, kodwa ahluleka ukunqoba izilwane zemvelo kwanqoba yona i-emus.

Akubonakali ukuthi leli zwe lisifundile isifundo ngoba liphinde lazama ukuqeda onogwaja basendle ngeminyaka yango-1950s ngokwethula igciwane elibulalayo konogwaja.

Kodwa-ke onogwaja basheshe bavikeleka kulesi sifo futhi manje sebengaphezu kuka-200 onogwaja abazulazulayo ezweni lonke. Mhlawumbe i-China ingafunda kulokhu okwenzeka emlandweni. 

Scrolla World Cup Quiz