
Razeen Gutta
I-Kaizer Chiefs idlale ngokulinganayo ne-Mamelodi Sundowns enkundleni e-FNB ngeSonto ebusuku.
I-Chiefs ibe icishe yawunqoba lo mdlalo kodwa wahlulwa iphenathi sekusele imizuzu ambalwa kuphele umdlalo.
Leli phuzu belibalulekile eqenjini lika-Arthur Zwane elilethe amaphuzu afinyelela ku-43 endaweni yesine.
Mayelana ne-Champions i-Sundowns ibheke indawo eyodwa ngesizini ezayo njengoba umqeqeshi uManqoba Mngqithi ekhulume kabanzi ngemuva komdlalo ngenqubo i-Sundowns ehlela ukuziqinisa ngayo uma sekuvulwe iwindi lokuthenga abadlali.
“Ngikholwa ukuthi leli qembu lidinga ukuqiniswa. Silahlekelwe nguRicardo Nascimento obedlala emuva kwesokunxele ngakho sinoMosa Lebusa kuphela njengomdlali odlala emuva kwesokunxele,” kusho uMngqithi ekupheleni komdlalo.
UMngqithi uthi iqembu licabanga ukuletha abadlali abaseqopheleni eliphezulu abazodlala esiswini nomunye ozoba umgadli.
“Esiswini silahlekelwe nguRiva ekuqaleni kwesizini futhi kusengadingeka ukuthi siqinise khona mhlawumbe ngomunye umdlali oseqopheleni eliphezulu,” usho kanje.
Uthe kumele banyuse amasokisi ekushaseni amagoli.