Menzi Magubane
Ibamba lomqeqeshi we-Kaizer Chiefs u-Arthur Zwane ukholelwa ukuthi umqeqeshi olandelayo ozoqashwa iqembu kufanele kube umuntu wakuleli oliqondayo usiko lebhola laseNingizimu Afrika.
Njengamanje uZwane noDillon Shepard bahleli ngesinqa esisodwa ngemuva kokuthi leli qembu lixoshe umqeqeshi uStuart Baxter ngoMbasa.
UBaxter uqede izinyanga eziyishumi kuphela ebambe izintambo kuMakhosi. Ubuye kuMakhosi emva kokuxoshwa kukaGavin Hunt okhonjwe indlela ngesizini edlule.
UZwane ubona kufanele i-Chiefs icabange ukuqasha umqeqeshi wakuleli ngesizini ezayo.
“Sibhekene nezinkinga ezibucayi kuleli futhi abantu abaningi bazithatha kalula lezo zinto,” kusho uZwane.
Njengoba edlale eqenjini zaze zakhwela, uZwane uthe abaqeqeshi bangaphandle abaqondi ukuthi abadlali bakuleli baphuma kuphi.
“Ubhekene nabadlali abasuke benezingqinamba namadlozi abanye bakushaya indiva lokho ngoba bengenawo lowo mlando namava,” kusho uZwane.
“Anginankinga nomuntu ovela e-Europe inqobo nje uma ezozijwayeza engafuni ukushintsha indlela esenza ngayo izinto lapha.”
Sekukaningi i-Chiefs ibheka abaqeqeshi bayo phesheya kwezilwandle.
Selokhu kwasungulwa i-Premier Soccer League ngonyaka ka-1996 Amakhosi aqashe abaqeqeshi ababili kuphela bakuleli. USteve Komphela ube ngumqeqeshi wokuqala ngo-2015, kodwa wadonsa iminyaka emibili kuphela. UHunt waqashwa ngo-2020, kodwa akazange awuqede ngisho unyaka wokuqala wenkontileka yakhe yeminyaka emithathu.
UZwane noShepard sebeyizintandokazi zabalandeli njengoba sebeqeqeshe i-Chiefs amasizini amabili elandelana.
Abalandeli bafuna ukuthi banikezwe umsebenzi ngokugcwele futhi babuyisele i-Chiefs esicongweni sayo ngesizini ezayo.