I-Chiefs itheze ekhaya

Menzi Magubane

I-Kaizer Chiefs iqoke u-Arthur Zwane njengo mqeqeshi wayo omusha ngenkontileka yeminyaka emithathu kanti uDillon Sheppard uzoba iPhini lakhe.

Lesi simemezelo senziwe iqembu ngoLwesine ekuseni ngesikhathi kunesithangami sabezindaba.

UZwane noSheppard bebengabaqeqeshi besikhashana beqembu kulandela ukuxoshwa komqeqeshi uStuart Baxter ngasekuqaleni kukaMbasa. 

Iningi labalandeli be-Chiefs belingeneme ngesikhathi usihlalo we-Chiefs uKaizer Motaung ememezela ukubuya kukaBaxter ekupheleni kwesizini edlule ngoNhlaba. 

Ukuqokwa kukaZwane kuzokwamukelwa ngezandla ezimhlophe abalandeli beqembu abebelokhu bethi akanikwe umsebenzi noSheppard.

Ngesikhathi uBaxter ehluleka ukufeza inhloso yeqembu okwakumele akhe kabusha i-Chiefs iphinde ibuyele esimeni sayo abaphathi bamxoshe ngoMbasa banika uZwane noSheppard izikhundla zabo zokuqala njenga baqeqeshi besikhashana.

Bashintshe izinto ngokunika abadlali abasebancane isikhathi balahla iningi labadlali abadala abethembele kubona uBaxter.

Isenzo sabo samukelwe ngabalandeli abajabule ngoshintsho kungazelelwe kanti iqembu likwazile ukuqeda kwi-Top 8. Baphinde bayisa iqembu kowamanqamu we-CAF Champions League.

Emasontweni amabili adlule uZwane owachitha iminyaka eyishumi kwi-Chiefs esengumdlali unxuse abaphathi beqembu ukuthi baqashe umuntu wakhona owazi usiko leqembu.

Lawo mazwi amsebenzele njengoba ebe ngumqeqeshi wesithathu wakuleli oqokwe i-Chiefs emlandweni we-PSL.

Khonamanjalo ngoLwesithathu AmaZulu akuqinisekisile ukuthi uBrandon Truter usenikezwe izintambo ngokugcwele njengomqeqeshi wawo.

Lo mqeqeshi owake waqeqesha i-Swallows uke waba ngumqeqeshi wesikhashana ngemuva kokuthi Usuthu luxoshe uBenni McCarthy ngoNdasa.

Leli qembu liphinde lakuqinisekisa ukuthi owayengukaputeni walo uThapelo Xoki uzojoyina i-Orlando Pirates kanti uGabadinho Mhango yena usayine kuSuthu.

Umthombo wesithombe: @KaizerChiefs

Izihloko zakamuva