I-Chiefs imise umdlali odlebelekayo

Menzi Magubane

Ikusasa likaDumisani Zuma kwi-Kaizer Chiefs limfiliba ngemuva kokumiswa okwesibili kule sizini.

Lezi zindaba ziqinisekiswe kwi-akhawunti ye-Twitter yeqembu ngoMsombuluko.

Amakhosi awazange achaze kabanzi ngokuthi kungani lo mgadli owake wadlala kwi-Bloemfontein Celtic emisiwe, kodwa i-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi lo mdlali ufike endaweni yokuzilolonga ngeSonto ekhothile.

“UDumisani ungumdlali osezingeni eliphezulu kodwa ukuziphatha kwakhe kwakamuva kumbuyisela emuva. NgeSonto ufike edakiwe,” kusho umthombo we-Scrolla.Africa.

“Lokhu bekukubi kuyena uma sibheka ukuthi akaqali ukumiswa kwi-Chiefs kule sizini. Lokhu kungase kube ukuphela kwekusasa lakhe kwi-Chiefs uma engaziqoqi,” kusho umthombo ocele ukuthi igama lawo lingadalulwa.

Lesi yisigameko sesibili esihlobene notshwala esiholele ekutheni uZuma amiswe yiqembu lakhe.

Lo mdlali wachitha ubusuku bonke ejele ngoLwezi nyakenye ngemuva kwezinsolo zokuthi wabanjwa eshayela ephuzile.

I-Chiefs imumisile futhi imuvimbele ukuthi azilolonge neqembu izinsuku eziningi.

Inkontileka yakhe izophela ngoNhlangulana kanti manje kubukeka emancane amathuba okuthi i-Chiefs iyivuselele. NgoMgqibelo ushaye igoli lakhe lokuqala kuleli qembu ngesikhathi i-Chiefs ihlulwa ngo 2-1 idlala ne-Cape Town City.

Ukumiswa kwakhe kwakamuva akwehlanga kahle kwi-ejenti yakhe uBasia Michaels, okhwele wadilika kuMakhosi.

“Kuyadumaza kakhulu ukuthola into ebaluleke kangaka ku-Twitter. Asinawo ngisho umbiko osemthethweni weqembu mayelana nokuthi ngabe yini eholele ekutheni amiswe. Ngiphoxekile ngokuthi sekwenziwe lokhu,” kusho uMichaels.

NgoLwesibili, uZuma uzophinde aphuthelwe wumdlalo we-Chiefs kowe-DStv Premiership emdlalweni wayo ne-Marumo Gallants. Ukuhlulwa kwangoMgqibelo bekungokwesithathu kwe-Chiefs kulandelana futhi kungenzeka ingaphumi endaweni yesibili.

I-Chiefs ibihlose ukuqeda endaweni yesibili ukuze ikwazi ukubamba iqhaza kwi-CAF Champions League ngesizini ezayo. Manje basengozini yokuphuthelwa futhi.

Umthombo wesithombe: @NewsHub360

Scrolla World Cup Quiz