I-Chelsea netulo lokudunga umcimbi wokuvalelisa u-Klopp

Ezemidlalo: I-Chelsea izimisele ngokuvimba umqeqeshi we-Liverpool uJurgen Klopp ukuthi anqobe iNdebe ye-Carabao Cup ngesizini yakhe yokugcina neqembu. Lona umdlalo wamanqamu okungafanele ukuphuthe, kubhala uDylan Bettencourt.

Kuzobe kubangwa isicoco sesiliva kumaligi asekhaya e-England kule mpelasonto njengoba inkundla iWembley izokwamukela i-Chelsea ne-Liverpool emdlalweni wamaqamu weNdebe ye-Carabao.

Umqeqeshi we-Liverpool uJurgen Klopp umemezele ekuqaleni kwalo nyaka ukuthi lena kuzoba isizini yakhe yokugcina kuleli qembu futhi nokuwina indebe kuzoba phezulu ohlwini lwakhe njenge sipho sokuvalelisa.

Lomdlalo uchazwe ngokuthi owokuvalelisa kuKlopp. 

I-Liverpool ingena kumdlalo wamanqamu njenge zintandokazi, hhayi ngokuhamba phambili ku-Premier League kodwa nokushaya i-Chelsea ngamagoli amane kwelilodwa emasontweni ambalwa edlule.

Eqenjini le-Chelsea ukunqoba kowamanqamu kuzohamba ibanga elide ekuhlengeni isithunzi seqembu kulesizini ebinzima kubo.

UMauricio Pochettino uthole iqembu lakhe endaweni yeshumi kuligi futhi udinga okuthile ukuze enze izinguquko. Isicoco singaba yilokhu okudingwa yiqembu.

Womabili la maqembu alangazelela ukunqoba ngeSonto ngehora lesihlanu ntambama kodwa linye kuphela elizowina iNdebe ye-Carabao.

Umdlalo wamanqamu uzodlala bukhoma ku-DStv channel 2023.

➤ Njengoba i-Liverpool ingekho emdlalweni we-Premier League kule mpelasonto, i-Manchester City ne-Arsenal bazonikezwa ithuba lokuvala igebe embangweni wesicoco. 

I-Manchester City izovakashela e-Bournemouth ngoMgqibelo ngo-7.30 ebusuku.

I-Arsenal izobhekana nomsebenzi onzima njengoba izodlala ne-Newcastle ngo-10 ebusuku.

I-Manchester United izobe idlala ne-Fulham ngehora lesihlanu ntambama ngoMgqibelo izobe ibheke ukungena etafuleni le-Uefa Champions League.

Yonke imidlalo ye-Premier League izodlala bukhoma ku-DStv channel 203.

➤ Ngaphambi kokuthi kube phakathi kwamabili ngoLwesihlanu, kuzoba nomqhudelwano wama-sevens eVancouver, eCanada, phakathi kwamaBlitzboks nama-All Blacks.

Yize amaBlitzboks ezogxila kakhulu ekunqobeni umqhudelwano wokugcina ongabanika ithuba lokungena kuma-Olympics, lo mdlalo uzokhombisa abalandeli baseNingizimu Afrika nase-New Zealand ukuthi amaqembu azilungiselela kangakanani uma efuna ukungena kuma-Olympics ase-Paris.

Yize amaBlitzboks ezothatha uhambo lwamahora angu-30 ukufika kwelinye izwe, kodwa abonakala esesimweni esihle.

Umdlali ongumpetha uJustin Geduld usebuyile eqenjini futhi iqembu ligcwele abadlali abanjengoRosko Specman, uRicardo Duarte noTristan Leyds osanda kungena.

Angeke uzisole ngokulinda lemidlalo: 

NgoLwesihlanu: AmaBlitzboks azobhekana ne-New Zealand ngo-11.52pm

NgoMgqibelo: Ama-Blitzboks azobhekana ne-Great Britain ngo-4.56pm

NgoMgqibelo: AmaBlitzboks azobhekana ne-Ireland ngo-11.05pm

Yonke imidlalo izodlala bukhoma ku-DStv channel 201

➤ Lindela i-Ireland ukuthi iqhubeke nokuzimisela kwayo kuma-Six Nations Grand Slam. Izisulu zabo kuleli sonto yi-Wales.

I-France ngokungangabazeki izokwenza isiqiniseko sokuthi i-Italy ibukeke njenge zimfundamakhwela phakathi nomdlalo bese iphelelwa yintshisekelo.

Kodwa umdlalo we-Six Nations ozobe uhamba phambili kule mpelasonto owe-Scotland ne-England. Iqembu lase-England libukeka lizinzile njengoba umqeqeshi we-Scotland uGregor Townsend eqhamuke nezinguquko eziningi, okuhlanganisa nokubuyisela uJamie Ritchie eceleni. Asithembe uTownsend akethukile.

Ukushaya i-Scotland e-Murrayfield kuhlale kuwumsebenzi onzima, futhi kungaba umsebenzi onzima kakhulu kuSteve Borthwick.

NgoMgqibelo: I-Ireland izobhekana ne-Wales ngo-4.15pm ku-DStv channel 201

NgoMgqibelo: I-Scotland izobhekana ne-England ngo-6:45pm ku-DStv channel 211

NgeSonto: I-France izobhekana ne-Italy ngo-5.00pm ku-DStv channel 211

Isithombe esingenhla: I-Chelsea ibhekene ne-Liverpool.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva