
Razeen Gutta
I-Chelsea ifinyelele kowamanqamu wesihlanu we-FA Cup eminyakeni eyisithupha ngemuva kokuwina ngo 2-0 inenebula i-Crystal Palace e-Wembley ngeSonto ntambama.
Ngokungafani nowamanqamu wokuqala wayizolo lapho i-Liverpool ehlule khona i-Manchester City ngo 3-0 ngaphambi kwekhefu, lo mdlalo ubunzima kakhulu kuzo zombili izinhlangothi esiwombeni sokuqala.
Kube neshodi elilodwa nje vo emizuzwini yokuqala engu-45, kanti i-Chelsea nayo iye yaphoqeleka ukuthi yenze ushintsho ngemuva kokulimala kukaMateo Kovacic.
Ongene esikhundleni sakhe uRuben Loftus-Cheek, obukeke ebukhali futhi wephula umgqigqo ngemuva nje kwehora ngebhola elihle onyaweni lwesokudla ngemuva kwephutha elibi likaTyrick Mitchell.
Ngemuva kokuhola phambili, ezikaThomas Tuchel bezibukeka zinethezekile, futhi kuthathe imizuzu eyishumi kuphela ukuthi zishaye igoli lesibili.
Nakulo mdlalo omkhulu, bekunguMason Mount obeseqophelweni eliphezulu ngokuthinta kahle ibhola okokuqala kanye nesiphetho esingcono kakhulu sokusebenzisa umdlalo wokubambisana wokushaya igoli noTimo Werner.
I-Chelsea bekungenzeka ukuthi ithole elinye igoli ngoRomelu Lukaku eshaya eqondise emapalini. Kodwa-ke iqede ngo 2-0, ama-Blues esezimisele ngokubuyela e-Wembley kowamanqamu eNdebe ye-FA okwesithathu kulandelana.
Kuzoba impinda yamanqamu e-Carabao Cup ngoNhlolanja njengoba i-Liverpool ne-Chelsea bezodlala ngomhlaka-14 kuNhlaba lapho ama-Reds azobe ebheke ukungena emaqenjini amathathu ahamba phambili ngesikhathi ama-Blues ebheke iNdebe ye-FA njengomugqa wesiliva kule sizini obekuyisizini ye-topsy-turvy.
Umthombo wesithombe: @ChelseaFC