I-Chelsea ithathe isicoco sesibili se-Champions League

Menzi Magubane

Okwesithathu ezinyangeni ezimbili iChelsea ishaya iManchester City – kodwa kulokhu bekungumdlalo wesicoco se-UEFA Champions League.

Baqale ukubehlula kowandulela owamanqamu we-FA Cup mhla zi-17 kuMbasa nowe-Premier League mhla zi-8 kuNhlaba, kanti manje sebeshaye iCity ngo 1-0 e-Porto ngoMgqibelo.

IChelsea iyona kuphela ikilabhu yase-London esanqobe isicoco se-Champions League. Isicoco sabo sokuqala basithola eminyakeni eyisishiyagalolunye edlule eJalimani lapho abashaya khona iBayern Munich ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenalthi.

Lokhu ukunqoba kokuqala komqeqeshi weChelsea uThomas Tuchel ngemuva kokuhola iParis Saint-Germain kowamanqamu lapho bahlulwa khona ngo 1-0 yiBayern Munich.

“Sonke siyasizakala ngalolu lwazi. Sizoyisebenzisela ukuhlala silambile futhi sikhule,” kusho yena.

“Kuyisinyathelo esikhulu ukufika kowamanqamu kanti futhi okukhulu kakhulu ukulwa ngendlela yakho. Besidinga isibopho esiqinile ukunqoba lo mdlalo.”

Umqeqeshi weCitizen uPep Guardiola, naye ubenokuthile akushilo ngemuva komdlalo.

“Angazi ngezinqumo engazithatha. Abadlali benze konke okusemandleni abo,” kusho yena.

ICity iqede isizini ngezindebe ezimbili, okuyi-Premier League nesicoco se-Carabao. Isicoco se-Champions League siyaqhubeka nokubalandela.

UGuardiola ubuzwe ukuthi uzoliqinisa noma cha iqembu lakhe.

“Le bekuyisizini enemidlalo engama-62. Angihlakaniphile ngokwanele ukuthi ngicabange ngesizini ezayo,” kusho yena.

“Abadlali banikele ngakho konke. Ngeshwa azikwazanga ukuphumelela kodwa sizobuya siqinile ngesizini ezayo.”

Umthombo wesithombe: @chelsea

Izihloko zakamuva