Lubhalwe nguRazeen Gutta
I-Chelsea inqobe umdlalo wayo ngegoli elilodwa eqandeni ibhekene ne-Crystal Palace enkundleni i-Stamford Bridge emdlalweni wokuqala kwembili ye-Premier League ngeSonto.
Umdlali omusha uMykhailo Mudryk ubekhona kulandela ukuthuthela kwakhe kwi-Chelsea ngosuku lapho ozakwabo abasha bebebukeka bedlala ngokukhulu ukuzimisela.
Lo mdlali wase-Ukraine obemataniswa nokuthengwa izimbangi ze-Chelsea, i-Arsenal usayinwe ngo-£87 million (R1.7 billion) phesheya e-London kanti ubekhona ngesikhathi ezikaGraham Potter zibuya ngomdlandla.
UHakim Ziyech noConnor Gallagher ibona abadlali abakade bevelele kanye noKai Havertz oshaye igoli lekhanda ngemuva nje kwehora okuyilona elibenze ukuthi baphumelele.
Komunye umdlalo, i-Newcastle United iqhubekile nokwenza kahle ngokunqoba ngegoli elilodwa eqandeni ibhekene ne-Fulham.
U-Alexander Isak ushaye igoli, okwenza abe mathathu amagoli akhe kwi-Premier League kanti u-Alexander Mitrovic we-Fulham uhlulwe iphenathi.
Isithombe esingenhla: I-Chelsea
Umthombo wesithombe: @Chelsea