I-Chelsea ihola i-Madrid ngemuva komlenze wokuqala

Menzi Magubane

Umqeqeshi we-Atletico Madrid uDiego Simeone unethemba lokuthi abafana bakhe bazoguqula abakuthole bedlala ne-Chelsea okuyigoli elilodwa eqandeni banqobe e-Stamford Bridge ngomhla ziyi-17 kuNdasa.

NgoLwesibili i-Atletico ishaqiswe yi-Chelsea emdlalweni wokuqala we-UEFA Champions League.

Bekufanele kudlalwe e-Madrid kodwa, ngenxa yemikhawulo yokuhamba, ubudlalelwa e-Bucharest. U-Olivier Giroud uthole igoli elilodwa kulo mdlalo elinike i-Chelsea ithuba eliyigugu njengoba ibheke emlenzeni wokubuya.

“Sizobe sidlala nabaphikisi  ngejubane futhi kuzodingeka sikwazi ukuwumisa futhi sibhekane nabaphambili njengaye uGiroud nabanye abadlali abanamandla,” kusho lo mqeqeshi.

Abadlali be-Atletico bebengadlali kahle kulo mdlalo kanti i-Chelsea yasizakala ngalokho. USimeone uyakuqonda ukuthi yena nabadlali bakhe kumele benzeni ukuze bashaye i-Chelsea endaweni yabo.

“Sidinga ukuthinta ibhola kaningi futhi sizibeke kangcono ekuhlaseleni. Ngiyalithemba iqembu,” uyasho.

Umqeqeshi we-Chelsea uThomas Tuchel uncome uGiroud ngokushaya kwakhe amagoli aphezulu.

“Uma umbona nsuku zonke, ngeke umangale. Unomzimba osezingeni eliphezulu. Uyakujabulela ukuba ngumdlali webhola eliphezulu nsuku zonke. Uziqeqesha njengomuntu oneminyaka engama-24,” kusho uTuchel.

Khonamanjalo e-Italy, ompetha ababusayo i-Bayern Munich bathathe igxathu elikhulu beya kuma-quarter-final ngesikhathi behlazisa i-Lazio ngokuyishaya ngamagoli amane kwelilodwa enkundleni yabo nokwenza izinto zibe lula kubo emlenzeni wokubuya e-Germany mhla ziyi-17 kuNdasa.

Kwakuwubusuku obuyingqophamlando kwi-Bayern. UJamal Musiala, eneminyaka eyi-17, ube ngumshayi wamagoli omncane kunabo bonke emlandweni we-Champions League.

Bese uRobert Lewandowski, ovula inkundla ngokushaya amagoli, ube ngumshayi magoli wesithathu ohamba phambili ku-Champions League ngamagoli angama-72. UCristiano Ronaldo uhola amarekhodi ngamagoli angama-134 kanti uLionel Messi ungowesibili ngamagoli ayi-119.

Isithombe: @ChelseaFC

Izihloko zakamuva