I-Celtic isenethuba lokulwa kuma-play-offs

Menzi Magubane

I-Bloemfontein Celtic ikholelwa ekutheni ingakuguqula ukuhlulwa ekhaya ngamagoli amabili eqandeni yi-Rivers United bese belungela ukudlala ku-CAF Confederation Cup.

I-Celtic bekufanele ibhekane nabase-Nigeria emlenzeni wesibili ngoLwesithathu olwedlule, kepha imigomo yase-Nigeria ye-Covid-19 yenze ukuthi umdlalo uhlehliswe. Iziphathimandla sase-Nigeria bezifuna ukuthi i-Celtic ibesemgonqweni izinsuku eziyishumi nane ngaphambi komdlalo wabo kanti abaphathi be-Isiwelele bebengakuthandi lokho, futhi i-Celtic ayilishiyanga izwe.

I-Celtic yaluthatha lolu daba yalusa kumfelandawonye kanti umdlalo manje usuzodlalwa ngempelasonto yomhla zingama-23 kuMasingana ezweni elingakaqinisekiswa elakhelene ne-Nigeria.

Okhulumela i-Celtic uSello Nduna uthe bayajabula ukuthi ekugcineni bazowudlala lo mdlalo.

“I-CAF izosazisa uma selitholakele izwe elingathathi hlangothi elinemigomo eqinile,” uyasho.

I-Celtic ilahlekelwe umlenze wokuqala ngamagoli amabili eqandeni ekhaya futhi kuzodingeka banqobe okungenani ngamagoli amathathu eqandeni uma befuna ukudlulela phambili. Umnqobi phakathi kwe-Celtic ne-Rivers United uzobhekana ne-Enyimba yase-Nigeria emdlalweni we-Confederation Cup ekuqaleni kukaNdasa.

“I-Rivers yashaya amagoli amabili ekuhambeni, ngakho-ke yini engasivimba ukuthi sikwenze lokho uma sesihambile? Siya kulo mdlalo ukuyowina. Ngiyazi ukuthi abafana bazimisele ngokuya kude kulo mqhudelwano. Ngakho-ke singakwazi ukushaya amagoli amathathu noma amane bese sedlulela emzuliswaneni olandelayo,” kusho uNduna.

Lona ngumncintiswano wokuqala we-Celtic ku-CAF kanti uNduna uthe bafuna ukwenza ezibukwayo. Kuligi yasekhaya, i-Celtic ayenzi kahle kodwa uNduna umile kwelokuthi izinto zizoshintsha.

“Kumele sigxilise umqondo wokunqoba ezingqondweni zabadlali bethu. Noma yimuphi umdlalo ozayo siwulungele ukuwudlala futhi umncintiswano we-CAF usinikeza lelo thuba. Isimo sethu sasekhaya sizoshintsha maduzane. Uma sidlala kakhulu kuyilapho esizowina kangcono.”

Izihloko zakamuva