I-CCMA ivune umqashi oxoshe umsebenzi obenqaba ukugomela i-Covid

Dylan Bettencourt

Uhlaka olulalela izindaba zokuxoshwa kwabasebenzi ngokungemthetho i-Commission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA) lukhiphe isinqumo esithi inkampani yenze kahle ngokuxosha umsebenzi owenqaba ukugonyelwa i-Covid-19.

“Ngokwami ukubona okungachemile, ngingaphetha ngokuthi umfakisicelo akakwazi ukusebenza ngokugcwele ngenxa yesinqumo sakhe sokungagomi,” kusho ukhomishana we-CCMA uLungile Matshaka esixazululweni esikhishwe ngomhlaka-21 kuMasingana.

UMatshaka unqume ukuthi ukuxoshwa kukaTheresa Mulderiji exoshwa i-Goldrush Group bekunobulungiswa.

UMulderiji ubeyisikhulu eqeqesha abantu kule nkampani iminyaka emithathu.

NgoMasingana kulonyaka inkampani isebenzise igunya layo yanikeza abasebenzi isikhathi sokucabanga ngalemigomo nemibandela futhi ithi ichithe izinyanga ezintathu ezedlule ithintana nabasebenzi bayo kanye nezinyunyana eziningi ezahlukene.

Abasebenzi bekufanele baqinisekise ukuthi bayitholile yini imigomo nemibandela echaza ngokugoma okuyimpoqo endaweni yomsebenzi  futhi abachazelwe ngayo ngesineke. 

Abasebenzi banikezwe ithuba lokuzikhethela baphinde bafake isicelo sokufisa ukungagomeli i-Covid okwakuzobuyekezwa ikomidi.

Omele inkampani utshele i-CCMA ukuthi leli gunya lenzelwa ukuvikela abasebenzi kanye namakhasimende abo.

“Ngenxa yesimo somsebenzi kaMulderiji, ukusebenza ubuso nobuso nabantu njalo, bekubalulekile ukuthi athathe umgomo,” kusho omele inkampani. 

Ufakazi wenkampani uveze ukuthi uzakwabo wenqaba ukugonywa ngisho sebemtshela ukuthi uzophelelwa umsebenzi.

UMulderiji, ebufakazini bakhe kwa-CCMA, uthe kuyilungelo lakhe ngokomthethosisekelo ukwenqaba umgomo.

Izihloko zakamuva