I-Kaizer Chiefs kuzofanele ilinde i-CAF ukuthi imemezele usuku nesikhathi esisha somdlalo wabo wokuqala womlenze wokuqala we-Champions League ne-PWD Bamenda. Umdlalo phakathi kwalaba bewuhlelelwe ikusasa ntambama kodwa abase-Cameroon bacele ukuthi kuhlehliswe kusasele usuku ngaphambi komdlalo.
Amakhosi akhiphe isitatimende ekhasini lawo le-twitter esho ukuthi lo mdlalo ngeke usaqhubeka njengoba bekuhleliwe.
Isitatimende sifundeka kanjena: “Uhlangothi lwe-Cameroon i-PWD Bamenda icele ngeCAF ukuhlehliswa komdlalo wethu we-CAF CL womlenze wesibili we-Prelim obuhlelelwe ikusasa, uLwesihlanu mhla zizine kuZibandlela.”
Lokhu kungaba yisibusiso kuMakhosi abekhathazekile ngokulimala komdlali wasemuva odlala kakhulu. URamahlwa Mphahlele ubuye nokulimala komsipha akuthola e-Cameroon ngempelasonto edlule.
UMphahlele indawo yakhe yathathwa nguYagan Sassman ngesikhathi i-Chiefs ishaya uBamenda ngegoli elilodwa eqandeni futhi yabuya negoli elibalulekile ekuhambeni. Ngaphandle kokulimala kukaMphahlele, i-Chiefs bekukude ukuthi iwulungele lo mdlalo.
Babuyele ezweni ngoLwesibili ekuseni futhi abadlali banikezwa ukuphumula kosuku. Leyo bekuyindlela yomqeqeshi uGavin Hunt yokusiza abadlali bakhe ukuthi balulame ohambweni olude nolunzima olubathathe bedlula e-Addis Ababa e-Ethiopia baya e-Douala e-Cameroon Kanye nohambo lwebhasi lwamahora amabili oluya e-Limbe futhi babuye ngendlela efanayo.
I-Chiefs izogxila emdlalweni wayo olandelayo we-DStv Premiership ngoLwesibili oluzayo ne-Black Leopards enkundleni yezemidlalo i-FNB (ngo-7.30 ebusuku) eGoli.
Womabili amaqembu awadinga kakhulu amaphuzu amathathu ngezizathu zawo. Impelasonto yamahhala ingenza okuhle kubo bobabili.
Bazongena emdlalweni ngemilenze nezingqondo ezintsha. Womabili amaqembu azobe ebheke ukunqoba kwawo okwesibili kwiligi kule sizini.
Amakhosi asendaweni yeshumi nantathu kwi-log ngamaphuzu amahlanu emidlalweni emihlanu. I-Lidoda Duvha isendaweni yesi-15 ngamaphuzu amathathu kuphela emidlalweni emihlanu.