I-Cake Media ifuna u-AKA axolise ngomonakalo asewudalile

Sizwe Sibiya

Uhlelo olubizwa nge-Braai show seluthathe ezinye izinyathelo, kodwa akasekho umculi we-hip hop odume ngelika-AKA. 

I-Cake Media ifuna u-AKA aphinde abuyekeze inkulumo yakhe ayisho esontweni eledlule aphinde axolise ngomonakalo asewenzile kwisithunzi somdlalo. Bamunikeze imizuzu yehora lokuqala ngoMsombuluko ukuthi enze lokho.

Ngesonto eledlule u-Keirnan Forbes odume ngelika-AKA uhambise incwadi emnikeza ilungelo ukuba atshele i-cake Media ne-SABC efuna bakhiphe uhlelo olubizwa nge-Braai show with-Cass kumabonakude.

U-AKA ubhale incwadi ebabuza ngokukhishwa kwakhe ku-season 2 wohlelo olubizwa nge-The Braai show. Ubasabise ngokuthi uzofaka icala lokuxoshwa ngaphandle kwencazelo uma ngabe akufunayo engazange akuthole ngemuva kokuba bememezele ukuthi u-Cassper Nyovest uyena ozoba sohlelweni le-Braai Show elidlala ku-SABC.

U-AKA ubatshele ukuthi njengoba ephethe u-50% wohlelo angeke i-cake Media imukhiphe kanjalo njengomphathi wohlelo.

I-cake Media iphendule yathu u-AKA akanawo u-50% wamashezi baphinde baveza ukuthi baphethwe i-Makhuducom ebisebenza no-AKA ku-TV App.

U-AKA akakaphenduli ngemuva kokuphuma kwesitatimende esikhishwe i-cake Media.

Uhlelo olubizwa nge-Braai show with-Cass elake labizwa  nge-Braai show with AKA, lulindeleke ukuthi luqale ngoLwesithathu ngoMandulo ngowezi-2021 ku-SABC 1.

Izihloko zakamuva