Menzi Magubane
Ngenkathi inhlangano eyengamele ibhola e-Afrika i-CAF ivuma ukusebenzisa i-Video Assistant Referee (i-VAR) emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ye-FIFA ngonyaka ozayo, ukukhungatheka kuyanda e-South African Football Association House (i-SAFA).
I-SAFA ilindele ukuzwa umbiko ovela ku-FIFA ngemuva kokuthi le nhlangano ibhikishe ikhalaza ngokuziphatha kukanompempe okungabazekayo emdlalweni obuphakathi kwe-Ghana neBafana Bafana mhla ziyi-14 kuLwezi. Ikakhulukazi iphenalthi engabazekayo eyanikhishwa unompempe uMaguette Ndiaye eyenze ukuthi iBafana iphume emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba e-Qatar.
Kuzwakalile ukuthi i-FIFA bekumele imemezele isinqumo sayo ngoLwesibili olwedlule ngemuva kokuba ikomidi labo lokuqondiswa kwezigwegwe belihlangene e-Zurich.
Kodwa okumangazayo kuMengameli we-SAFA uDanny Jordaan ukuthi i-FIFA ayikaxhumani nabo mayelana nabakutholile ngalolu daba.
“I-FIFA ikhiphe isitatimende esithi izosinika isinqumo mhla zingama-23 kuLwezi,” kucashunwe uJordaan etshela i-TimesLive ngeSonto.
“Umbuzo uthi kungani i-FIFA ingakaxhumani nathi? Yini indaba ?”
I-SAFA ilindele ukuthi i-FIFA ikhiphe isinqumo esivuna yona futhi umdlalo uphindwe.
Umbhikisho we-SAFA ushiye abaningi bebuza i-CAF ukuthi kungani ingalusebenzisi uhlelo lwe-VAR olusetshenziswa kakhulu kumaligi ase-Europe.
I-CAF yake yayisebenzisa i-VAR kowandulela owamanqamu nakumdlalo wokugcina we-Champions League ngesizini edlule futhi ayibange isaphinde iyisebenzise.
I-CAF ihlangane ngempelasonto e-Cairo ukudingida izinto ezahlukene ngokuthi ibhola lase-Afrika lingathuthuka kanjani. Kwavunyelwana ngokuthi uhlelo lwe-VAR luzosetshenziswa esigabeni sokugcina semidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo.
Ayishumi amaqembu azoncintasana kowomkhumulajezi kanti amahlanu awo azomela i-Afrika emqhudelwaneni womhlaba wangonyaka ozayo.
Umthombo wesithombe: @CAFOnline