Everson Luhanga
I-Confederation of African Football (i-CAF) ikuqinisekisile ukuthi noma ngabe iqembu linabadlali abangu-11 kuphela noma unozinti weqembu elithile akekho, imidlalo ye-Afcon 2021 kuzomele iqhubeke.
I-CAF ikhiphe isinqumo esithi noma yiliphi iqembu elingeke likwazi ukudlala ngenxa yobhubhane lwe-Covid-19, kuzofana nokuthi lihlulwe ngo-2-0.
Isigungu esilawulayo sithe uma kukhona ushintsho oluvelayo sizokwenza “isinqumo esifanele” kulandela ukukhishwa kwemibandela ebuyekeziwe ngemuva kokuthi amazwe amaningi ebhekene nenhlekelele yokuqubuka kwe-Covid.
NgoLwesihlanu i-Egypt, esinqobe lo mqhudelwano amahlandla ayisikhombisa, iye yaphoqeleka ukuthi ihlehlise uhambo lwayo oluya e-Cameroon ngemuva kokuvela ukuthi abanye abadlali beqembu batheleleke ngegciwane le-Covid-19.
UMohamed Salah nozakwabo bagcine bethathe uhambo lwabo oluya e-Cameroon ngoMgqibelo njengoba umqhudelwano uqale ngeSonto.
Umdlali we-Arsenal kanye ne-Gabon uPierre-Emerick Aubameyang kanye nomunye uzakwabo nabo kutholakale ukuthi betheleleke nge-Covid-19. Iqembu lesizwe lase-Guinea lona liphoqeleke ukuthi lishiye abadlali balo abathathu endaweni yabo yokuzilolonga e-Rwanda ngemuva kokuthi betholwe bene-Covid-19.
Amazwe amathathu i-Cape Verde, i-Gambia kanye ne-Tunisia nawo ahlaselwe ukubhebhetheka kwe-Covid-19, njengoba leli gciwane liqhubeka nokumisa kabi amazwe ehlukene.
Lo mqhudelwano uqale ngeSonto ebusuku njengoba osokhaya i-Cameroon betholane phezulu ne-Burkina Faso, kwabe sekulandela umdlalo obuphakathi kwe-Ethiopia ne-Cape Verde.
Umthombo wesithombe: @TheAthletic