I-Burkina Faso kowomkhumulajezi we-Afcon

Menzi Magubane

I-Burkina Faso ibe iqembu lokuqala ukudlulela kuma-Quarter-finals e-Africa Cup of Nations (Afcon) ngemuva kokuhlula i-Gabon ebisidlala ngabadlali abangu 10 sekukhahlelwa amaphenathi lapho inqobe khona ngo 7-6.

I-Stallions ihambe phambili ngomzuzu ka-28 ngomgadli wayo ophambili uBertrand Traore ngokusizwa uDango Outtara.

Ukugadla kwakhe okumangalisayo engaphandle kwebhokisi kusho ukuthi ama-Stallions aye esiwombeni sesine behamba phambili. Njengoba bekulindelekile, isiwombe sesibili i-Burkina Faso iphinde yazama igoli lesibili kodwa kwangalunga.

Nokho, i-Gabon izamile ukuzilwela kodwa nayo yahluleka ukusebenzisa amathuba ayo.

Ngomzuzu ka-67 ama-Panthers abhekane nengwadla ngesikhathi uSidney Obissa ekhishwa ngekhadi elibomvu ngemuva kokukhishwa kwekhadi lesibili eliphuzi.

Yize i-Burkina Faso izamile ukusebenzisa elinye ithuba, ayikwazanga ukunqamula ukuzivikela kwi-Gabon.

Kodwa i-Panthers yaqhubeka nokuzimisela yagcina iklonyeliswe ngalokho – nakuba igoli lingaphumanga kumuntu wabo, kodwa wonke amagoli abalwa ngendlela efanayo.

Ngengcindezi abakade beyithola kwi-Gabon, u-Adamu Guira ufake ibhola enethini ngomzumzu ka-91. Lelo goli lokulinganisa liphoqe ukuthi umdlalo uye esikhathini esengeziwe womabili amaqembu enamaphuzu afanayo 1-1.

Uma kuthiwa i-Gabon idinga ukaputeni wayo uPierre-Emireck Aubameyang, lo bekuwona mdlalo lapho ebedingeka kakhulu khona. Isipiliyoni sakhe phambili besidingeka njengoba behlulekile ukusebenzisa amathuba okushaya amagoli.

Ngeshwa, ngisho nangemuva kwemizuzu engu-30 eyengeziwe, omabili amaqembu awakwazanga ukuthola amagoli okuholele ekutheni umdlalo  unqunywe ngamaphenalthi.

Ukuwina kwama-Stallions kuwasondezela kwisicoco. Kweye-Afcon  ngonyaka ka-2017, i-Burkina Faso yaqeda endaweni yesithathu ngemuva kokushaya i-Ghana bathola indondo yethusi.

Umthombo wesithombe: @CAF_Online

Scrolla World Cup Quiz