
Menzi Magubane
I-Burkina Faso ibe iqembu lokuqala ukudlulela kuma-Quarter-finals e-Africa Cup of Nations (Afcon) ngemuva kokuhlula i-Gabon ebisidlala ngabadlali abangu 10 sekukhahlelwa amaphenathi lapho inqobe khona ngo 7-6.
I-Stallions ihambe phambili ngomzuzu ka-28 ngomgadli wayo ophambili uBertrand Traore ngokusizwa uDango Outtara.
Ukugadla kwakhe okumangalisayo engaphandle kwebhokisi kusho ukuthi ama-Stallions aye esiwombeni sesine behamba phambili. Njengoba bekulindelekile, isiwombe sesibili i-Burkina Faso iphinde yazama igoli lesibili kodwa kwangalunga.
Nokho, i-Gabon izamile ukuzilwela kodwa nayo yahluleka ukusebenzisa amathuba ayo.
Ngomzuzu ka-67 ama-Panthers abhekane nengwadla ngesikhathi uSidney Obissa ekhishwa ngekhadi elibomvu ngemuva kokukhishwa kwekhadi lesibili eliphuzi.
Yize i-Burkina Faso izamile ukusebenzisa elinye ithuba, ayikwazanga ukunqamula ukuzivikela kwi-Gabon.
Kodwa i-Panthers yaqhubeka nokuzimisela yagcina iklonyeliswe ngalokho – nakuba igoli lingaphumanga kumuntu wabo, kodwa wonke amagoli abalwa ngendlela efanayo.
Ngengcindezi abakade beyithola kwi-Gabon, u-Adamu Guira ufake ibhola enethini ngomzumzu ka-91. Lelo goli lokulinganisa liphoqe ukuthi umdlalo uye esikhathini esengeziwe womabili amaqembu enamaphuzu afanayo 1-1.
Uma kuthiwa i-Gabon idinga ukaputeni wayo uPierre-Emireck Aubameyang, lo bekuwona mdlalo lapho ebedingeka kakhulu khona. Isipiliyoni sakhe phambili besidingeka njengoba behlulekile ukusebenzisa amathuba okushaya amagoli.
Ngeshwa, ngisho nangemuva kwemizuzu engu-30 eyengeziwe, omabili amaqembu awakwazanga ukuthola amagoli okuholele ekutheni umdlalo unqunywe ngamaphenalthi.
Ukuwina kwama-Stallions kuwasondezela kwisicoco. Kweye-Afcon ngonyaka ka-2017, i-Burkina Faso yaqeda endaweni yesithathu ngemuva kokushaya i-Ghana bathola indondo yethusi.
Umthombo wesithombe: @CAF_Online