Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Umasipala wase-Buffalo City uhoxise ukubhukha kukamfundisi wase-Nigeria uTimothy Omotoso e-Orient Theatre ngemuva kwamacala akhe.
IMeya uPrincess Faku ithe idolobha ngeke livumele le nkonzo, njengengxenye yokulwa nokuhlukunyezwa kobulili kanye nokubulawa kwabesifazane.
Umasipala wase-Buffalo City umise umvangeli wase-Nigeria uTimothy Omotoso ukuba abambe inkonzo e-East London ngemuva kwentukuthelo yokuhoxiswa kwakhe emacaleni abucayi.
INkantolo eNkulu yase-Gqeberha ngasekuqaleni kukaMbasa ithole u-Omotoso, uLusanda Sulani noZukiswa Sitho bengenacala ngamacala angu-32, okuhlanganisa awokudlwengula nokushushumbisa abantu.
Esitatimendeni esifakwe ezinkundleni zokuxhumana ngeSonto, iMeya uPrincess Faku uthe umasipala uthole incwadi ebhalwe u-Omotoso ngokufuna ukubhukha i-Orient Theatre, okungenye yezindawo zikamasipala.
Kodwa-ke umasipala uhoxishe konke ukubhukha okuxhumene nomcimbi.
“Umasipala ukubeke kwacaca ukuthi konke ukubhuka okwenziwe ezindaweni zikamasipala mayelana nalo mcimbi kuzohoxiswa futhi ayikho neyodwa indawo yase-BCM ezosetshenziselwa leli bandla kuzo zonke izifunda zethu ezintathu nezigodi,” kusho uFaku.
Lesi sinqumo siza ngemuva kokuthi kube nokukhathazeka mayelana nokuhoxiswa kwamacala ka-Omotoso.
UFaku uthe umasipala ngeke umvumele u-Omotoso ukuthi enze i-crusade yakhe edolobheni, wathi bazimisele ukulwa nokuhlukunyezwa kobulili nokubulawa kwabesifazane.
“Umasipala usalokhu uzinikele ekwakheni umphakathi lapho abesifazane nezingane bezizwa bephephile endaweni abahlala kuyo,” kusho uFaku.
U-Omotoso akatholakalanga ukuba aphawule ngesikhathi sokushicilela.
Osesithombeni esingenhla: UTimothy Omotoso ngesikhathi egcina ukuvela enkantolo.
Umthombo wesithombe: Anita Dangazele