Lubhalwe nguRazeen Gutta
Iqembu le-Brentford lizibonakalisile ngesikhathi libhekene nama-Reds enkundleni i-Gtech Community lanqoba ngamagoli amathathu kwelilodwa emdlalweni we-Premier League obungoMsombuluko.
Iqembu likaJurgen Klopp lilahlekelwe udumo ababenalo ngosuku lwe-Boxing Day ngesikhathi linqoba ngamagoli amathathu kwelilodwa e-Villa Park futhi lokho kwabenza bangabhekana nompetha weqembu le-Brentford olimele u-Ivan Toney.
Ukungabi khona kukaKaputeni uJordan Henderson ngenxa yokulimala ebuchosheni kanye no-Andy Robertson,kwasekuqaleni i-Liverpool ibibukeka ingazimisele ngalo mdlalo. Naphezu kokuba ingxenye enkulu yebhola ibingakubo, kodwa bebengazimisele neze esigabeni sesithathu sokugcina.
U-Ibrahima Konate obesebuya kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba ushaye igoli lakhe kusenesikhathi kanti uYoane Wissa ushaye elesibili ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini.
Umshayimagoli ophambili we-Brentford, uToney ubengekho ngenxa yokulimala emlenzeni bebhekene ne-West Ham, kodwa uWissa ukwazile ukumela iqembu futhi bekuzoba nelinye igoli ukube alikhishwanga ifulegi le-offside.
Ukushintsha kukaKlopp abadlali abathathu ngesikhathi sekhefu kusho ukuthi ubezama ukushintsha igiya kanti u-Oxlade Chamberlain uthole igoli elilodwa ngemuva kwemizuzu engu-50.
UDarwin Nunez ushaye igoli elingelakhe elithathwe njenge-offside kwathi uBryan Mbeumo washaya elesithathu kwi-Brentford sekwephuzile okwenze leli qembu lawina ngamaphuzu amathathu lihlula iqembu lase-Merseyside.
Ukunqoba kuthumela i-Brentford endaweni yesikhombisa ngamaphuzu amabili nje ngemuva kwe-Liverpool, nama-Reds anethemba lokubuya emdlalweni wabo weNdebe ye-FA ngokumelene nama-Wolves ngempelasonto ezayo.
Isithombe esingenhla: Ngeseqembu le-Brentford ligubha ukunqoba kwalo
Umthombo wesithombe: @BrentfordFC