I-Brazil inyakaziswe yimibhikisho ngemuva kokubulawa komuntu omnyama

SEKUQUBUKE uthuthuva ezweni lonke lase-Brazil ngemuva kokushaywa komuntu omnyama ngonogada ngaphandle kwesitolo ngosuku olwandulela usuku lwe-Black Consciousness Day.

Izinkundla zokuxhumana zikhombise uJoão Alberto Silveira Freitas eshaywa ngesibhakela ebusweni waze waguqa ngamadolo ngaphandle kwesitolo esikhulu ngoLwesine.

Lesi sigameko senzeke edolobheni lase-Porto Alegre, okusolakala ukuthi kube ngemuva kwengxabano nomsebenzi wasesitolo.

Iphephandaba i-The Guardian libika ukuthi, onogada ababili okuthiwa bashaye uFreitas bagcinwe ngaphakathi futhi baphenywa ngokubulala.

Impendulo yomphakathi ebithukuthele ibikhumbuza imibhikisho ye-Black Lives Matter eyaqubuka ngemuva kokushona komuntu omnyama uGeorge Floyd, edolweni lephoyisa elimhlophe e-Minneapolis eMelika.

I-Black Consciousness Day engoLwesihlanu, iyiholidi likazwelonke. Abantu base-Brazil abamnyama nabaxube izinhlanga bakha cishe amaphesenti angama-57 abantu. Ngokusho Kwenhlangano Engekho Ngaphansi Kukahulumeni i-Brazil Forum on Public Safety, amaphesenti angama-79 awalabo ababulawa ngamaphoyisa abangabantu abamnyama noma abaxubile.

Ividiyo yokuhlaselwa: @petracostal

Izihloko zakamuva