Kamogelo Olaitan
I-Botswana isithembise ukudayisela elakuleli ugesi ophehlwa ngezikhathi ongasetshenziswa kakhulu.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMengameli uCyril Ramaphosa ememezele ngoMsombuluko ukuthi izwe lihlose ukuthenga ugesi emazweni angomakhelwane, njenge-Botswana kanye ne-Zambia ukuze kwengezwe ugesi wakwa-Eskom.
I-Botswana Power Corporation (BPC) ithe ifuna ukuthi u-Eskom uthenge ugesi ewukhiqizayo ngezikhathi ongasetshenziswa kakhulu ngoba ugesi awukwazi ukugcinwa noma ngasiphi isikali futhi ukushintshashintsha kwamandla kungase kuphazamise imishini ephehla ugesi.
I-BPC ithe ihlangabezana nezidingo zamandla kagesi ngezikhathi ongasetshenziswa kakhulu ngazo ukuze izokwazi ukuthumela ugesi omningi kuleli.
Esitatimendeni i-BPC ithe sebeqalile ukuxoxisana nabakwa-Eskom mayelana nokuthengwa kukagesi oweqile okhiqizwa ngezimpelasonto.
“Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi ugesi oweqile uba nemakethe evikelekile,” kusho isitatimende.