Dylan Bettencourt
I-Boston yidolobha ebelinenkinga yobandlululo olukhulu, kodwa i-Boston Marathon eMelika ifuna ukwenza umjaho webanga elide lapho abantu abaMnyama bezizwa bemukelekile futhi besekelwa, kunokuba bahambe bengaziwa futhi bengabungazwa.
Umcimbi wokuvula umncintiswano womjaho umemezele isibambiso semali elinganiselwa kuzigidi eziyi-R1.8 kumaqembu agijima e-Boston ukukhuthaza ukubamba iqhaza kwabagijimi abaMnyama.
Inkampani enkulu yomjaho i-Boston Athletic Association (i-BAA), izomemezela ukuxhaswa okukhulu kwephrojekthi ye-National Black Marathoners Association kanye nokukhangisa ngeziqubulo phakathi nomjaho ukukhuthaza abagijimi abaMnyama bomjaho.
“Sithathe isikhathi ngesikhathi sobhubhane ukuqinisa ubudlelwano ngoba besifuna ukubandakanya bonke abantu,” kusho uSuzanne Jones Walmsley, umqondisi we-BAA wezokuxhumana kwentsha nomphakathi.
Le nhlangano isungule i-Boston Running Collaborative ehlose ukusebenzisana ne-BAA namakilabhu asebenzayo agxile kubagijimi abaMnyama. Ukubambisana kunenhloso yokwenza abagijimi abaMnyama bazizwe ukuthi bangabamba iqhaza kulo mdlalo futhi bengavalelwa ngaphandle.
UJones Walmsley uthe inkampani yazibekela izinhloso zokuthuthukisa ukuhluka kwezemidlalo ngemuva kokubulawa kuka-Ahmaud Arbery, umgijimi oMnyama owabulawa eyogijima ngoNhlolanje ngonyaka odlule.
“Kukunika lokho kugxila okuvuselelwe, ikakhulukazi uma ubheka u-Arbery. Kube isixwayiso sangempela. Kusisizile ukuthi sihambe ngokushesha,” kusho uJones Walmsley etshela i-The Guardian.
I-Boston Marathon iqale mhla ziyi-11 kuMfumfu ngowezi-2021 lapho ababukeli abavunyelwe khona ukuya kulo mcimbi ohlonishwayo.
Umthombo wesithombe: @SportsIllustrated