I-Bloemfontein Celtic isilungele ukwenza umlando we-CAF yaseAfrika

I-Bloemfontein Celtic iqala umdlalo wayo wokuqala we-CAF Confederation Cup neqembu le-Democratic Republic of Congo i-AS Maniema Union ngeSonto ntambama e-Kindu.

Iqembu lifike ngokuphepha e-Kundu, kuqinisekisa i-Phunywa Sele Sele.

‘Siwelele’, njengoba iqembu lebhola likanobhutshuzwayo le-Bloemfontein kuPremier League laziwa, livunyelwe ukungena kwi-CAF confederation Cup ngokufinyelela kowamanqamu we-Nedbank Cup, abahlulwa ngamalengiso kuwo yi-Mamelodi Sundowns.

Kodwa-ke, ngenxa yokuthi i-Sundowns ibivele isingenile kwi-Champions League, i-Celtic yathatha indawo ekhona ye-CAF Confederation kanye ne-Orlando Pirates.

I-Phunya Sele Sele ibhalise ukunqoba kwayo kokuqala kwesizini bedlala ne-Black Leopards ngoLwesithathu.

I-Maniema Union isanda kuqeda ukunqoba ngamagoli amabili eqandeni idlala ne-Bazano.

Ukujula kwe-Celtic kuzohlolwa njengoba iqembu linomdlalo wamanqamu we-MTN 8 ohlelelwe umhla ziyi-12 kuZibandlela. I-Phunya Sele Sele izobe mncintiswaneni emithathu ngasikhathi esisodwa.

Umlenze wokubuya uzobe usenkundleni yezemidlalo i-Dr Molemela ngempelasonto mhla zizine kuya kumhla ziyisithupha kuZibandlela.

Isikhulu se-Celtic uKhumbulani Konco uthe: “Kuyintokozo enkulu ukudlala umdlalo wethu wokuqala we-CAF.

“Kungumlando. Ngokokuqala ngqa eminyakeni engama-50, sesikufanele ukudlala umdlalo wethu wokuqala wamazwekazi. ”

Ukuqala komdlalo kuzoba ngehora lesithathu ntambama (Isikhathi saseNingizimu Afrika).

Izihloko zakamuva