I-Blitzboks kuzomele iziphindiselele emva kokuhlulwa

Dylan Bettencourt

Ngemuva kokuphoxeka emqhudelwaneni we-Singapore Sevens ngesonto eledlule, iBlitziboks kumele ibhukule emdlalweni we-Vancouver kule mpelasonto. 

Ngabe bazokwazi yini ukuzimisela ngokwanele ukuze bawine iNdebe yoMhlaba eKapa ngoMandulo?

Ngempelasonto edlule umkhankaso wayo omangalisayo wokuwina imidlalo engu-36 ufinyelele esiphethweni e-Singapore ngesikhathi iMelika iwina ngo 12-7. Ukwenza impelasonto ibe yimbi kakhulu, i-Blitzboks iqhuzuke kwi-play-off endaweni yesihlanu ihlulwa yi-Argentina.

Ukubuya kwe-Fiji kanye ne-New Zealand emqhudelwaneni wombhoxo we-sevens akungabazeki ukuthi kukhuphulele izinto kwelinye izinga. Njengoba lolu chungechunge lubheke e-Canada, i-Blitzboks inethuba lokwenza kangcono.

Elakuleli lizoqala impelasonto yalo ngomdlalo walo ne-Spain ngoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku bese lidudulana nosokhaya i-Canada ngo-11.30 ebusuku, bese lidlala umdlalo walo wokugcina we-pool ne-Australia ngeSonto ekuseni ngo-3.30.

Siyathemba ukuthi i-Blitzboks izodlulela esigabeni somkhumulajezi futhi ibe nethuba lokuphindiselela eqenjini lase-Singapore.

Wonke umdlalo webhola lombhoxo uzobukwa bukhoma esiteshini se-DStv channel 211.

➤ Umqhudelwano weNdebe ye-FA uyabuya kule mpelasonto ngomdlalo ohlaba umxhwele kakhulu ebholeni lomhlaba lapho i-Manchester City izobhekena khona ne-Liverpool.

Nakuba abalandeli bebhola bebenethemba lokubona i-City ne-Liverpool bengenela owamanqamu, iqembu elizowina emdlalweni wamagqubu ngoMgqibelo lizozithemba ukuthi lingayiphakamisa indebe.

Ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 2-2 kwi-Premier League ngeSonto eledlule, amaqembu amabili ahamba phambili eNgilandi azophinde abhekane. Kulokhu kumele kube khona owinayo.

Njengoba izosingathwa enkundleni yezemidlalo i-Wembley e-London, azikho izinkundla eziningi ezingcono zokusingatha lo mdlalo.

Womabili la maqembu adlulele kowandulela owamanqamu we-Uefa Champions League futhi womabili amaqembu ayizintandokazi zokuwina i-Premier League kodwa linye kuphela elingadlulela kowamanqamu we-FA Cup.

Umdlalo uzoqala ngo-4.30 ntambama ngoMgqibelo.

I-Chelsea izobhekana ne-Crystal Palace kowandulela owamanqamu ngeSonto emdlalweni okuzofanele ama-Blues awunqobe uma efuna ukuhlenga isizini yawo. Manje sekumele bazimisele ngokulwela indawo yesithathu kwi-Premier League ngemuva kokukhishwa kwi-Champions League.

Lo mdlalo uzoqala ngo-5.30 ntambama ngeSonto. Yomibili le midlalo izobukwa bukhoma esiteshini se-DStv channel 203.

➤ I-Mamelodi Sundowns izoqala uhambo lwayo lwesigaba somkhumulajezi kwi-CAF Champions League ngoMgqibelo lapho izobhekana khona neqembu lase-Angola, i-Petro de Luanda.

I-Sundowns izoba yizintandokazi zokudlulela kowandulela owamanqamu kodwa kufanele iqale yenze kahle uma sekudlalwa imidlalo emibili ezoqala ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.

Lo mdlalo uzobukwa bukhoma esiteshini se-DStv channel 204.

Umthombo wesithombe: @DailyMaverick

Izihloko zakamuva