I-Blitzboks inenebule i-Ireland

Lucky Sithole

Kubukeka sengathi ukuhlulwa kwe-Ireland ihlulwa iNingizimu Afrika emdlalweni wama-sevens yinto edlule kanti yinto yayizolo.

Ingabe iqembu laseNingizimu Afrika lingaphinde lidlale futhi livimbe abayingozi uTerry Kennedy noJordan Conroy njengoba betholana phezulu endaweni yesihlanu?

Kube isiqalo esishubile nesinzima ngesikhathi kuphuma amakhadi aphuzi njengoba womabili amaqembu enze amaphutha, engazimisele ngokulungisa.

Ngesikhathi i-Blitzboks iqala ukusebenzisa amandla ekuchazeleni onompempe imithetho – futhi lokho kuhlale kuwuphawu lokuthi balahlekelwe ukugxila emdlalweni – umdlali wase-Ireland uJordan Conroy uthethise ozakwabo, obekuwuphawu oluhle kubadlali baseNingizimu Afrika.

Umzabalazo ugcine unqamukile ngesikhathi uRonald Brown enza umlingo wezinzwane zakhe eziphazimayo ezansi ngomugqa wokuthinta kwesokunxele, nge-try etholwe u-Impi Visser kwesokudla.

Ngemuva kwemizuzu emibili i-Ireland ishaye igoli kwathi sekusele imizuzwana engu-90 i-Blitzboks ibihola phambili ngamaphuzu amabili kuphela, uMfundo Ndhlovu ushaye lgoli wathola amaphuzu ayisikhombisa.

Yeka indlela enhle yokuqeda umdlalo ngaphambi komqhudelwano olandelayo ozoba e-Los Angeles ngoNcwaba.

INingizimu Afrika ishaye i-Ireland ngo-14-5.

Abashayele iNingizimu Afrika ama-try yilaba abalandelayo: U-Impi Visser kanye noMfundo Ndhlovu. Ama-conversions abemabili.

Oshayele i-Ireland i-try: UHarry McNulty. I-conversion ayikho.

Umthombo wesithombe: @Blitzboks

Izihloko zakamuva