Lucky Sithole
Njengoba i-Wallabies ne-Blitzboks bephuma emdlalweni wabo wama-quarter-final kuhle ukukhumbula ukuthi iNingizimu Afrika isizuze okungaphezu kwalokho ekwenzile kwi-Toulouse ngesonto eledlule.
INingizimu Afrika idlale kahle ekuqaleni komdlalo.
Ngesikhathi sekusele imizuzwana eyishumi kuphele isiwombe sokuqala, bekungaba kuhle ukubikezela ukuthi i-Blitzboks iwuwinile umdlalo. Ibishaye ama-try amathathu kanti i-Aussies ibibukeka engaqiniseki – ididekile.
Kodwa-ke umoya we-Aussie uvele wathatha indawo ngemuva kwalokho.
I-Australia ithole i-try sekuzophela isiwombe sokuqala yaphinde yashaya elinye igoli ngemuva nje kwekhefu.
I-try yesithathu ngemuva komdonsiswano omkhulu phakathi nenkundla yenze ukuthi i-Australia ihambe phambili ngamaphuzu amane.
Ngesikhathi sekusele imizuzwana engu-16, iNingizimu Afrika ibidinga i-try. Kuvele kwalandela ibhola lombhoxo elihamba phambili kulo mqhudelwano we-sevens ngesikhathi iNingizimu Afrika ihlasela ngokulandelana – kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Ngemuva kwemizuzu emibili engeziwe, umdlalo uphele ngesikhathi i-Australia ithola iphenalthi.
Ukulahlekelwa akukaze kube kuhle. Kuhlezi kukubi, kodwa i-Blitzboks idlale umdlalo webhola lombhoxo omuhle kakhulu kunalowo esiwudlale isikhathi eside.
INingizimu Afrika ihlulwe i-Australia ngo-17-21.
Abashayele iNingizimu Afrika ama-try yilaba abalandelayo: uSiviwe Soyizwapi, uMuller du Plessis noRonald Brown. I-conversion ibe yodwa.
Abashayele i-Australia ama-try yilaba abalandelayo: UBen Dowling noHenry Paterson (2). Ama-conversions abemathathu.
Umthombo wesithombe: @Blitzboks