
Lucky Sithole
Isihlakaniphi, ngokusho kukaBilly Connolly, ngumuntu ozwa umlando kaWilliam Tell futhi angacabangi ngoLone Ranger.
Kumthandi wombhoxo, kunzima ukucabanga ngomdlalo wamanqamu phakathi kweNingizimu Afrika ne-Argentina ngaphandle kokucabanga ngendlela i-Blitzboks eyahlulwa ngayo ibhekene ne-Argentina kuma-Olympics ase-Tokyo ngo-2021.
Kodwa uNeil Powell ubengekho kulowo mdlalo ngesikhathi somqhudelwano ngenxa ye-Covid.
I-Argentina inabadlali abadumile abatheleleke nge-Covid, kodwa i-Argentina, njengesizwe nabadlali bebhola lombhoxo, yaziwa ngokwazi ukubhekana nenselelo.
Futhi baphendula ngesitayela. Ngenkathi i-Pumas ethola amaphuzu okuqala kwavungama i-Tokyo 2021.
Kusobala ukuthi i-Pumas isinqume ukunika i-Blitzboks umdlalo onzima futhi kubonakala sengathi isinqumo sayo siyasebenza njengoba kubonakala inamandla kakhulu, futhi ukuphatha amaphutha kuphela okubavimbayo ukuthi bangashayi amagoli – okufakazelwa i-try ethile ephephezelwe ngokhahlele ibhola phambili.
Kuze kwayiwa ekhefini ngaphambi kokuthi uSelvyn Davids ashaye igoli elenze ukuthi i-Blitzboks ibuyele emdlalweni.
Esiwombeni sesibili kube isiqalo esizothile kwi-Blitzboks ngenkathi uJC Pretorius eshayela i-Blitzboks igoli elidale ukuthi ihamba phambili – kodwa ngokuqinisekile akukakapheli.
Ngenkathi sekusele imizuzu emine ukuthi kuphele umdlalo, i-Argentina iye yashsya igoli yahlanganisa amaphuzu – kwenzeka obekungacatshangwa. I-Argentina iye yahambe phambili ngokuthola i-try engaguquki. Ngenkathi sekusele umzuzu owodwa i-Blitzboks iye yalinganise amaphuzu futhi kubukeka sengathi kuzoba nesikhathi esengeziwe ngokwe-golden rule.
Kodwa asikho isikhathi esengeziwe.
Cishe ngemva kwemizuzu emibili kukhale i-hooter yokugcina, i-Blitzboks ashaya igoli yawina nge-try eyodwa.
Bekungumdlalo wakudala impela. Konke okuhle kakhulu kwibhola lombhoxo kwenzeke esikhathini esingaphezudlwana kwekota yehora. Umdlalo ozongena emlandweni we-Blitzbok eduze kwalowo mdlalo odlalwe phakathi kwala maqembu amabili amakhulu e-Tokyo ngoNtulikazi ngo-2021.
Abashayele iNingizimu Afrika ama-try yilaba abalandelayo: uSelvyn Davids oshaye amabili, uJC Pretorius kanye noJustin Geduld.
Ama-conversions: uBranco du Preez noJustin Geduld.
Ama-try e-Argentina: uRodrigo Isgro noJoaquín de la Vega oshaye amabili.
Ama-conversions: uFelipe del Mistre.
Amaphuzu: iNingizimu Afrika ihlule i-Argentina ngo-24-17.