I-Blitzboks ibuyisa ithemba kowe-Sevens

Lucky Sithole

I-Blitzboks ibuye ngamandla ngemuva kokuhlulwa kabili kulandelana.

Ngemuva kokuhlulwa i-Melika ne-Fiji, i-Blitzboks inqotshwe yiqembu lase-Argentina elizimisele – kodwa siyabonga – iNingizimu Afrika yenze umsebenzi omuhle ngasekupheleni kwesiwombe sesibili.

Kubonakale kufana ngokukhombisa umdlandla ongemuhle ngesikhathi iNingizimu Afrika ingenelwa ngamaphenalthi kulandelana nokuholele ekutheni uSelvin Davids athole ikhadi eliphuzi nokwenze i-Argentina ihambe phambili ngo-7-0.

UJC Pretorius ushaye igoli ngesikhathi sekuzoyiwa ekhefini, okubashiye belandela ngemuva ngamaphuzu amabili.

I-Argentina ishaye amagoli amabili ancomekayo kwathi noDavids washaya i-try enhle.

Njengoba isikhathi besesivele sesidliwe yinja iqembu laseNingizimu Afrika ebelikhathele belingeke lisakwazi ukuwina, kodwa libenomzuzu owodwa wokugcina. Indlela abadlale ngayo ikhombise okukhulu ngeqembu kanti ngesikhathi igazi ligobhoza esweni lakhe langakwesokunxele, u-Impi Visser uye washaya igoli ekhoneni.

Le Blitzbok ilimele, kodwa iphila kakhulu.

Sobonana e-Vancouver.

INingizimu Afrika 15-22 Argentina

Ama-try eNingizimu Afrika ashaywe yilaba abalandelayo: uJC Pretorius Selvyn Davids no-Impi Visser.

Ama-try e-Argentina ashaywe yilaba abalandelalo: uGaston Revol no-Agustin Fraga (2) kanti uMarcos Moneta ushaye i-conversion eyodwa.

Izihloko zakamuva