Sizwe Sibiya
Iqembu lomculo i-Blaq Diamond elithandwayo elingaphansi kwe-Ambitiouz Entertainment, liyaqhubeka nokukhipha izingoma ngaphandle kwe-album ngenhloso yokugcina lezi ngoma zidlalwa njalo.
Ingoma ye-afro-pop esanda kuphuma enesihloko esithi-AmaCriminal Record, eyakhishwa ngenyanga edlule, nayo ilandele lokho.
Selokhu iqembu le-Diamond, elinabaculi ababili uNdumiso Mdletshe odume ngelikaNdu Browns kanye noSphelele Dunywa odume ngelikaDanya Devs, bakhipha i-album yabo yokuqala enesihloko esithi inqola, bakuthola kunzima ukungabi izintandokazi zabantu kanti njengoba umculo wabo udlalwa yonke indawo.
Inqola kwakuyingoma yokuqala yase-Ladysmith ku-iTunes ngonyaka wezi-2017.
Njengoba besebenzisa indlela okunakekelwa ngayo amadayimani, inkampani ebizwa nge-Ambitiouz Entertainment isiphendule i-Blaq Diamond yaba nomculo odayiswa kakhulu esizweni.
Njengoba bezwakala ngathi bacula umaskandi nge-pop instrument, yilokho okubenza bahluke futhi bagqame bodwa.
Ngonyaka wezi-2019, bakhipha ingoma eyathola umkomelo kwi-SAMA ngokuba ingoma yonyaka, ingoma enesihloko esithi ibhanoyi, eyaba kunombolo yokuqala ku-iTunes. Baphinde bayifaka kwi-album yabo yesibili enesihloko esithi umuthi, eyakhishwa ngonyaka olandelayo.
Ezinye zezingoma ezikhona kubalwa i-Love Letter eyafakwa ku-tracklist. Lezi ngoma zombili beziqhudelana nezingoma zama-piano, kodwa baphuma phambili njengoba sebethole i-certified triple platinum benikezwa i-RiSA.
Umuthi uhambisana negama elisha lenkampani yokuqopha, enabaculi ngaphansi kwayo okubalwa uMlungisi Mncwango kanye noSbahle ocula ingoma ethandwa kakhulu ethi-Emlanjeni”.
Kudala, abaculi abaningi bebebhekana nezinkinga kubuholi be-Ambitiouz Entertainment, kugcine kuholele ekutheni bashiye le nkampani yokuqopha bengaphethe lutho oluphathekayo, baze baphenduke izitha nomphathi wenkampani, uKgosi Mahumapelo.
Kodwa ubudlelwane be-Blaq Diamond kanye ne-Ambitiouz buyancomeka. Ngonyaka wezi-2020 bahlangana ne-Ambitiouz Entertainment ukuze bakhe inkampani yokuqoopha ebizwa ngo-Umuthi.
Khona manjalo ividiyo yomculo esanda kuphuma ebizwa ngokuthi-AmaCriminal Record”, ekhishwe ngoLwesihlanu olwedlule, isibukwe abantu abayizi-260,000 ku-YouTube ezinsukwini ezine ikhishiwe.
Umthombo wevidiyo: YouTube