I-Blaq Diamond ihlukanise inhloko nesixhanti eMpumalanga

Everson Luhanga

I-Blaq Diamond ijabulise abantu ngomculo wayo emcimbini we-South African Traditional Music Awards (SATMAs) ngoMgqibelo ebusuku.

Abantu abaningi abavela emasikweni ahlukene bebekhona kulo mcimbi obuse-Nelspruit eMpumalanga.

Amaqhawe aseAfrika alwela inkululeko, izinqayi kanye nabaculi bomculo wesintu babongiwe futhi babungazwa kulo mcimbi.

Umsunguli uDumisani Goba uthe ukwakha imiklomelo kube uhambo oluhle kakhulu elinezithiyo eziningi.

Ngobusuku obedlule, isithiyo bekuyigciwane le-Corona kanti nomcimbi ubuhlelwe ngaphansi kwimigomo yokuqhelelana.

“Sibizile futhi ziqhayise abaholi bethu baseAfrika njengoprofesa uPatric Loch Otieno Lumumba, umndeni wakwaKwame Nkruma wase-Ghana, owayenguMengameli waseMelika uBarack Obama kanye nomama wakhe, umholi wenhlangano yezombusazwe i-IFP uMangosuthu Buthelezi,

owayenguMengameli uJacob Zuma, kanye namanye amaqhawe amaningi endawo ebekhona kulo mcimbi,” uyasho.

Ngemuva kokuthi abaculi abaningi becule, i-Blaq Diamond ivele yagibela esiteji yenza ezibukwayo ngokucula ingoma yayo ethi Ibhanoyi lapho abantu bebejabule beshaya nehlombe.

I-Blaq Diamond iwela ngaphansi komculo we-Afro-pop ophuma eKwaZulu-Natali oculwa nguNdumiso Mdletshe kanye noSphelele Dunywa abaziwa kancono ngoNdu noDanya.

Scrolla World Cup Quiz