I-Blackburn ibungaza umgubho wama-Sulumane

Dylan Bettencourt

I-Blackburn Rovers ibe yiqembu lebhola lezinyawo lokuqala ngqa e-UK ukubamba umkhuleko we-Eid enkundleni yayo ngoMsombuluko ebusuku.

Inqwaba yamaSulumane ahlangane enkundleni yezemidlalo i-Ewood Park ukuzoqeda ukuphela kwenyanga engcwele ye-Ramadan.

Izithombe ezifakwe yiqembu ku-Twitter zikhombisa ingxenye yenkundla embozwe ngomata kanye nomyalezo ongcwele olethwe kwababekhona.

“I-Eid Mubarak ivela kuwo wonke umuntu kwi-Blackburn Rovers. Namuhla ekuseni i-#Rovers ibe iqembu lokuqala lebhola kuleli ukusingatha imikhuleko ye-Eid enkundleni,” kusho leli qembu.

U-Ahmed Khalifa usuke kwi-United Arab Emirates waya kwi-Blackburn ezinyangeni ezine ezedlule kodwa bamenze wazizwa esekhaya eqenjini lakhe lebhola lezinyawo.

“I-Eid yamaSulumane yinto ekhethekile kakhulu njengoba kuhlangana zonke izihlobo endaweni eyodwa. Kuyajabulisa ngoba sisuke sesizikhumbule kakhulu izihlobo zethu,” usho kanje.

“Ngakho-ke, bekuyinto enkulu kithina ukuba naleli qembu labantu.”

I-Blackburn idlala esigabeni sesibili sebhola kanti ngesikhathi uKhalifa engumlandeli we-Manchester City, umemezele ukuthi uzoleseka iqembu elisha lasekhaya.

“Wonke amadolobha [kufanele] eseke iqembu lawo noma ngabe yini eyenziwa yiqembu, enhle noma embi. Ngizobasekla baze baphumelele,” engeza.

Umkhuleko we-Eid uyingxenye ye-Eid al-Fitr esho ukuphela kwe-Ramadan, inyanga yokuzila ukudla lapho kokubili ukudla namanzi kungadliwa kusukela ilanga liphuma lize liyoshona.

Iseshini yomkhuleko yokuphawula ukuphela kwe-Ramadan ivame ukwenziwa njengeqembu elikhulu endaweni evulekile, umcimbi i-Covid-19 ebeke umkhawulo kuwo iminyaka emibili edlule.

I-Blackburn inconywe kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngesenzo sayo.

“Lokhu kuyamangalisa impela. Nenze kahle nonke ebenikhona – likhetheke kakhulu idolobhana elibizwa nge-Blackburn. Ngiyethemba ukuthi amanye amaqembu azolandela uma kunesidingo,” kusho umsebenzisi we-Twitter.

Ezinye izinkundla zemidlalo eziningi zibe nezikhathi zomkhuleko ngoMsombuluko njengoba ipaki i-Small Heath ibe nabantu abangu-30,000 ngesikhathi i-Platt Fields park e-Manchester isangathe abantu abangamau-20,000.

Umthombo wesithombe: @TheIndependent

Izihloko zakamuva