I-Belgium ishaye i-Canada

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Bekuwumdlalo onzima enkundleni yezemidlalo i-Ahmad bin Ali ngegoli likaMichy Batshuayi elanele ukuthi i-Belgium ibekwe emaqenjini aphezulu angawina iNdebe yoMhlaba ye-Fifa.

Iqembu lase-Canada linikezwe ithuba elihle lokushaya igoli lalo lokuqala ngqa kwiNdebe yoMhlaba ngesikhathi isihlabani se-Bayern Munich, u-Alphonso Davies eshaya iphenathi eyenze ukuthi leli qembu lihambe phambili ngemuva kwemizuzu eyishumi nje kuphela umdlalo uqalile.

UYannick Carrasco wase-Belgium uhlawuliswe i-VAR ngokuphatha ibhola endaweni engafanele nokwenze ukuthi i-Canada ithole iphenathi yokuqala.

UThibaut Courtois  wenze umsebenzi oncomekayo wagcina umdlalo uku-0-0.

Iqembu likaJohn Herdman liqhubekile nokwenza konke okusemandleni ukuya phambili, lizilinganisa ne-Belgium ngokudlala ibhola futhi libukeka lisongela ukushaya amagoli.

Ngesikhathi sekuzoyiwa ekhefini, i-Belgium ikhombisile ukuthi kungani iyizwe elibekwe endaweni yesibili kwi-Fifa ngesikhathi uToby Alderweireld noBatshuayi benikeze iqembu likaRoberto Martinez igoli.

I-Belgium ibizipholele esiwombeni sesibili ngemuva kokushaya igoli, naphezu kokuthi i-Canada ibonakale inamandla njengoba ibinamathuba angu-22 okushaya amagoli kwayisishiyagalolunye e-Belgium.

La maqembu amabili azobhekena ne-Croatia ne-Morocco abadlale ngokulingana nayo emdlalweni yokuqala ngoLwesithathu.

Esithombeni esingenhla: UMichy Batshuayi

Umthombo wesithombe: @BelRedDevils

Izihloko zakamuva