I-BBC nedokhumentari yama-piano

Sizwe Sibiya

Esikhathini esingaphansi kweminyaka eyishumi ama-piano yiwona ahamba phambili kuleli.

Kusukela ezitudiyo ezingagunyaziwe kuya emhlabeni, abaculi bama-piano bakwazile ukwenza lokho abaculi bezinye izinhlobo zomculo abaphupha ngakho kuphela. Kanti umhlaba wonke uhambisana nololu hlobo lomculo.

E-London, i-BBC yenze idokhumentari yokuqala yemizuzu engu-25 enesihloko esithi-This is Amapiano ekhuluma ngomculo wama-piano.

Ngezingxoxo ezikhethekile namaciko adlale indima enkulu ekuthuthukiseni lolu hlobo, i-BBC ichaza kabanzi ngalolu hlobo okokuqala ngqa.

ODJ bakuleli, abaculi kanye nabadidiyeli bezingoma abafana noMajor League DJz, uFelo Le Tee, uDBN Gogo, uDaliwonga nabanye abaningi, okuhlanganisa nesivakashi uDavido kanye noDJ Edu & Jermiah Asiamah we-BBC Radio 1Xtra banikeza umbono wabo ngalolu hlobo lomculo olukhula ngokushesha emhlabeni wonke.

“Lolu uhlobo lomculo olwasungulwa kuleli. Uma ikuthinta, ikuthinta ngendlela ehlukile,” kusho lo mculi wengoma eyashisa izikhotha ngo-2020 ethi “Gumba Fire” owaziwa ngelikaDaliwonga.

Kule dokhumentari, i-BBC iye e-Soweto, eGoli lapho uDaliwonga aqala khona ukucula ekhwayeni yesonto futhi wagcina ekhule eba ngomunye wabaculi bokuqala abahamba phambili bama-piano.

“Leli ikhaya,” kusho uDaliwonga,  obonakala ecula nekhwaya emigwaqeni yase-Soweto, ngaphambi kokuthi umdidiyeli wama-piano uDJ Stokie odume ngelika-“Amapiano Superman” ajoyine le ngxoxo.

“Kimina kubalulekile ukuba elokishini. Konke kwaqala khona lapha,” kusho uStokie.

“Ngakho-ke kuze kube yimanje ngiseselokishini futhi ngisaphusha umculo wami,” kuqhuba uStokie onengoma yama-piano eyake yaduma kakhulu e-Soweto ethi-“i-Piano e-Soweto” ayicula ngokuhlanganyela noNia Pearl kanye noDaliwonga.

Njengoba idokhumentari ye-BBC iyidokhumentari yakamuva eyaziwayo yama-piano, iqembu lasendaweni i-Papercutt.TV nalo lingene shi kulolu hlobo oseluphenduke impilo yezinkulungwane ngenani lamaciko abesevele ekhona kulo mculo.

Ividiyo yomculo ye-Papercutt enemizuzu engu-26 enesihloko esithi “Shaya”, ingenye eyaduma kakhulu emculweni wama-piano.

Izihloko zakamuva